Azogubha iminyaka eli-13 amawele angosomahlaya

2019-08-28 06:03
ISITHOMBE: sithunyelweOsomahlaya abangamawele uSimphiwe (kwesobunxele) kanye noSiphiwe.

ISITHOMBE: sithunyelweOsomahlaya abangamawele uSimphiwe (kwesobunxele) kanye noSiphiwe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OSOMAHLAYA abangamawele nabaziwa ngamawele ase-Chesterville bazogubha iminyaka eli-13 baqala umsebenzi wabo wokuba osomahlaya.

USimphiwe noSphiwe nabangabokuzalwa endaweni yaseKhokhwane Elandaskop baqala ukwenza amahlaya ngonyaka wezi-2006.

Umcimbi wabo wethiwe ngokuthi ‘Twins Comedy Night’’ kanti uzobanjelwa eWinston Chucrch Hill mhla zingama-30 kuNcwaba (August) kusuka ngehora lesikhombisa ntambama.

Ekhuluma ne-Echo uSimphiwe uthe into eyenze ukuthi benze lomcimbi wamahlaya ingoba bafuna ukubungaza ithalente labo elifanayo njengawemele nokuyinto engavamisile.

“Sifuna nokuthi sithuthukise amahlaya ngolimi lwethu lwesiZulu siphinde sijabulise abantu abaningi,” kubeka yena.

Uthe ukuqala kwabo ukuthi bagcine bengosomahlanya ingoba bebenza izindaba ezilingiswayo esikoleni ngesikhathi besafunda esikoleni samabanga aphansi.

Uthe abantu abaningi baqala ukuzithanda izindaba zabo njalo zihleli zenza kahle ngoba zazihlekisa.

“Izindaba esasizenza sasizibhalelwa umama wami. Umama wethu vele ubenako ukuthi abhale izindaba kodwa angazihambisi ukuba ziyoshicilelwa. Wonke umuntu ekhaya uyahlekisa bese kwaba ngukuthi ithalente laphuma nathi ukube sibe ngosomahlanya.

“Ngesikhathi sifika esikoleni samabanga aphakeme yayingasekho lento yezindaba ezilingiswayo nokuyilapho-ke saqala khona ukuthi senze amahlaya alingiswayo (Sketch comedy). Ngemuva kwaloko ke kwaba khona abantu abadala kunathi abasibuza ukuthi kungani singakhethi ukuba ngosomahlaya kwaqala kanjalo ke.”

USimphiwe uthe ngesikhathi bekhula isimo sasekhaya sasinzima kakhulu kanti amahlaya abo ababewenza abasiza kakhulu ukuba bazibe isimo sasekhaya.

“Uma ngabe abantu besigcona ngezimpahla zethu ngoba zazingekho ezingeni sasivele sithathe into ayishoyo siyiphendule siyenze ihlaya ukuyiziba. Besisebenzisa amahlaya ukuzivikela isimo esiphuma ngaphansi kwaso ekhaya.

“Nakuba okwamanje sisagxile kakhulu ezifundweni kuyisifiso sethu ukuthi ngelinye ilanga nathi ithalente lethu ligcine seliphumele ngaphandle kwezinye izifundazwe kanye nakwamanye amazwe. Sifisa ukuthuthukisa nabanye osomahlaya abasakhula kulomkhakha singagcina nje ngokuzithuthukisa thina kuphela,” kubeka yena.

Amathikithi akulomcimbi abiza u-R150 lilinye kanti i-VIP yona uR200. Ayatholakala eComputicket, Siyo Medical Centre kanye naseKhayelihle Funeral services.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.