Babanga amanzi nezinkomo eNcwadi

2019-04-24 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNks Phumla Luthuli ekhombisa amanzi aphuzwa umphakathi.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNks Phumla Luthuli ekhombisa amanzi aphuzwa umphakathi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasendaweni yaseNcwadi ka-ward 39 ngaphansi komasipala uMsunduzi uthi uzibona ingekho into abayenzelwayo endaweni yabo eyintuthuko.

Lo mphakathi uthi into ekuthiwa intuthuko uyizwa ngendaba njengoba kungekho nokukodwa asebeke benzelwa kona.

Phakathi kwezinto abakhala ngazo umgwaqo, amanzi kanye nezindlu zomxhaso abangenazo.

Bathi uma ngabe bephuma edolobheni baphoqeleka ukuba bahambe ibanga elingaphezu kuka-5km ngoba itekisi ibashiya kude ngoba ayikwazi ukungena kule ndawo ngenxa yobubi bomgwaqo.Izindlu zomxhaso zona bathi balokhu bethenjiswa njalo ukuthi bazokwakhelwa kodwa kuze kube imanje azikaze zakhiwe. Amanzi bawathola kumaloli athwala amanzi kanti kwezinye izindawo amaloli awafiki nhlobo.

Endawemi yaseMdutshane bathi uma ngabe izulu kade lina izingane ezifunda eMdutshane Primary zize ziphoqeleke ukuthi zingayi esikoleni ngoba umgwaqo uvele uphenduke ube udaka kungahambeki.

Umphakathi wakule ndawo uphila ngamanzi owathola elolini elithutha amanzi nabathi alifiki kwezinye izindawo kanti libuye leqise izinsuku libuye lingafiki.

Endaweni yaseNdlotsheni khona eNcwadi umphakathi ubanga amanzi nezinkomo eziphethwini kanti bathi sebesaba nokuthi bazogcina sebenezifo ezinkulu ezizobagulisa ngenxa yamanzi abawaphuzayo.

Elinye ilunga lomphakathi elikhulume ne-Echo ngesikhathi ivakashele le ndawo lithe lona laze laphoqeleka ukuba lisuke endaweni yaseNdlotsheni ngenxa yamanzi aphuzwayo kulendawo waze wayohlala kwelinye ikhaya lakhe eliseMdutshane khona eNcwadi.

“Nalapho ngihlala khona angisho ukuthi kulungile kodwa kungcono kunalapho kade ngihlala khona. Ubuke uthi uyokha amanzi ufike izinkomo ziwaxova kuphoqeleke ukuba uzilinde ziqede bese kuba ima nawe ukha khona lapho amanzi ozowaphuza.

“Okubi kakhulu ukuthi nalawomanzi eziphethu besingawazi nokuthi avelaphi kodwa besiwaphuza ngoba beyingekho into esizoyenza. Bekuthi uma ngabe amanzi esewudaka kakhulu esiphethwini bese sihambe siyofuna esinye isiphethu esizokha kusona amanzi,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi elihlala eMdutshane uNks Phumla Luthuli uthe uma ngabe amaloli athwala amanzi engafikanga amanye amalunga omphakathi ayaphoqeleka ukuba ayocela amanzi kuleyomizi enompompi.

LUYAQHUBEKA EKHASINI LESI-2

“Nabompompi labo abantu bazifakele bona bedonsa eziphethwini eziseduze kwabo ngoba bengenawo amanzi.

Ayikho nje into eyintuthuko esiyenzelwayo kule ndawo kodwa ekugcineni kuthiwa kumele sivote. Sekuphele iminyaka emingaki nje sivota kodwa akukho ngisho intuthuko encane endaweni yethu.

“Sikhathele manje sekwanele. Akekho nje osinakayo thina nonendaba nokuthi siphila kanjani sivele salahlwa nje kanjalo. Esikhathini samanje ubani nje umuntu osakha amanzi esiphethwini ewabanga nezinkomo ?” kubeka yena.

Umgwaqo ongenela kulendawo wonke uwubhuqu kanti uma ngabe usungene ngaphakathi kule ndawo kunezindawo ezinomgwaqo onemigodi izimoto ezingakwazi ukuhamba kuyona nokuyikona okugcina sekuphoqa amatekisini ukuba ashiye amalunga omphakatthi kude.

Ngesikhathi i-Echo ihambele kule nadwo amaye amalunga omphakathi asebenzela kazibambele abezama ukuphesha umgwaqo ngenhlabathi abebeyikha eceleni kwawo umngwaqo.

Elinye ilunga lomphakathi lithe : “Imigwaqo eminingi umphakathi iwona owulungisile ngoba besekukubi kungasahambeki. Sizamile nathi ngendlela ebesingakwazi ngayo sabeka amatshe kodwa usabheda namanje. Ikhansela lethu nalo alisinakile nje ngoba ngisho izinombolo esanikezwa zona ukuthi sizishayele uma ngabe sinezikhalazo zomphakathi zikhala zingabanjwa asisazi nathi ukuthi kumele senze njani.”

Ikhansela lakule ndawo uNkk Thandiwe Madondo uyalele intatheli ye-Echo ukuthi ayithintane neMeya yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo ngalolu daba ngoba iyona elwaziyo. Imizamo yokuthola uMnu Njilo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungabanjwa kanti nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.