Babhikishele ukungaqashwa eMnyangweni wezeMpilo

2019-04-17 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAbafundi abaqeqeshwa ezikhungweni zoMnyango wezeMpilo bebhikisha eNatalia.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAbafundi abaqeqeshwa ezikhungweni zoMnyango wezeMpilo bebhikisha eNatalia.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAFUNDI abebeqeqeshelwa amakhono emisebenzi (in-service training) ngaphansi koMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal babhikishe ngaphandle kwaseNatalia Building ngoLwesine olwedlule mhla ziyi-4 kuMbasa (April) nalapho behambise khona uhlu lwezikhalazo zabo.

Laba bafundi abaphuma ezibhedlela okubalwa kuzona i-Edendale, Northdale, Grey’s kanye neminye imitholampilo ehlukene eMgungundlovu bakhala ngokuthi uMnyango wezeMpilo ukhiphe izikhala zomsebenzi ezingaphezu kwezingama-60 kwi-Internet kodwa bathi uma ngabe bethi bafaka izicelo zangamukelwa kwathiwa abantu abaqeqeshwa ehhovisi elikhulu lalo mnyango kuphela abazothathwa.

Lezi zikhala zomsebenzi eziphumile kubalwa ezokuba omabhalane kanye nezinye kanti kuthiwa ziphume ngenyanga ka-Ndasa kanti ukufaka izicelo kona kuvalwe ngoLwesine olwedlule lolu okade bebhikisha ngalo.

UMnqobi Nxele ongomunye wabafundi abaqeqeshwayo uthe ziningi izinkinga abanazo kodwa inkinga yabo enkulu ababhekene nayo ilena yokuthi kuqashwe abanye abantu ekubeni bekhona bona besebenza ngaphakathi.

“Into esiyifunayo thina ukuthi uma ngabe kuthiwa kuphuma izikhala zomsebenzi ngaphakathi sikwazi sonke ukuthi sifake izicelo kungakhethwa ihhovisi elilodwa.

Sonke singaphansi komnyango kungani thina abanye sibandlululwa ? Okokuqala labantu ekuthiwa bazothathwa bazozosebenza lapha kusebenza khona thina ngobani?” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi kunomunye umyalelo owaphuma ngenyanga kaMbasa (April) ngonyaka owedlule wokuthi abantu abaqeqeshwa ngaphansi kwalomnyango bazothola imadlana encane kodwa bona baze batshelwa ngawo ngenyanga eyedlule uNdasa (March).

Uthe ngesikhathi bebuza ngawo batshelwe ukuthi abantu abali-120 kuphela abazokwazi ukuthi bahole. Laba abazohola kuthiwa bazothola imali engu-R3 390.

“Uholela kanjani abantu abancane kanje ekubeni isibalo sethu sonke thina esiqeqeshwayo singu-2 290.Uma ngabe ethi uyasiholela kumele asiholele sonke . Kuthiwa abantu abazohola bazoya kunhlolokhono bese kuhlungwa khona ukuthi obani abazothola umholo. Lokho asikuboni kuwubulungiswa ngoba kuzogcina sekukhethwa abantu abafike kamuva ekubeni kukhona abantu abakade baqala ukusebenza ngaphambi kokuba kuze kuphase lo mthetho wabo,” kubeka yena .

Uphinde waveza ukuthi laba bantu ekuthiwa bazohola sebeqalile ukubizwa kodwa abanaso isiqiniseko sokuthi kungabe sebeqalile yini ukuhola.

ULuwanda Dlamini naye obengomunye waqaqeqeshwayo uthe okubaphatha kabi kakhulu ukuthi bona bavalelwa ngaphandle ekubeni kuyibona abenza umsebenzi omkhulu okudlula abantu abaqashiwe.

Uthe vele ezibhedlela kanye nasemitholampilo bayashoda abasebenzi ingakho wonke umsebenzi omningi ugcina usubheke bona.

Laba bafundi banikeze uMnyango wezeMpilo izinsuku ezinhlanu ukuba uphendule ohlwini lwezikhalo zabo .

Uhlu lwezikhalo zabo lwamukelwe uMnu Sbusiso Dlamini nongumphakathi waka-Labour Relations kanye noMnu Linda Zondi nongumqondisi wezokuphepha nabathembise ukuthi bazozidlulisela kubantu abafanele bathembisa nokuthi umnyango uzophenduli zikakapheli izinsuku ezinhlanu.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.