Baboshiwe abaqothe amalunga omndeni ayi-7

2018-11-14 06:00
Bekuwumunyu wodwa ngesikhathi kufihlwa amalunga omndeni wakwaKhoza.ISITHOMBE: nokthula Khanyile

Bekuwumunyu wodwa ngesikhathi kufihlwa amalunga omndeni wakwaKhoza.ISITHOMBE: nokthula Khanyile

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni iGauteng uNks Sizakele Nkosi-Malobane usenxuse abantu besifazane ukuba bayeke ukuthemba abantu besilisa kalula.

UNks Nkosi-Malobane ukusho loku ngesikhathi ekhuluma emngcwabeni wamalunga omndeni wakwaKhoza endaweni yaKwaCaluza obulawa eVlakfontein eGoli ngesonto eledlule.

Lamalunga omndeni amagama awo okunguDudu Khoza kanye nezingane zakhe uNomfundo, uLuyanda benoSibongakonke, kanye noMbali Khoza nezingane zakhe uNkanyiso benoKarabo abekwe endaweni yawo yokugcina ngeSonto.

Izidumbu zawo wonke lamalunga zatholwa ngumakhelwane sezonakele ngemuva kokuba ezwe iphunga.

UDudu noMbali batholakala bembozwe ngomhlabathi kanti izingane zona zatholwa zimbelwe emigodini engashoni endlini.

Ungqongqoshe uveze ukuthi sekuboshwe abasolwa ababili ngalesi sigameko: oneminyaka engama-26 noneminyaka engama-61. Bobabili laba basolwa baboshwe ngoMgqibelo mhlaka-3 kuLwezi (November). “Sisebenze ubusuku nemini kusukela kwenzeke lesi sigameko ukwenza isiqiniseko sokuthi siyababopha abasolwa . Amaphoyisa ngawatshela ukuthi kumele aphume izinkalo ayobafuna abuye nabo bephila noma befile, kodwa ngiphoxekile ukuthi babuye nabo bephila. Njengoba singasekho isigwebo sentambo umuntu uma ngabe egwetshwe udilikajele uyakwazi ukuthi aphume ngoshwele ngemuva kweminyaka engama-25,” kubeka yena.

Uqhube wathi uma kungukuthi abantu besilisa abasukumi balwisane nokubulawa kwabantu besifazane, abantu besifazane basazoqhubeka nokubathuka bababize ngokwaziwa ngokuthi ‘Men are trash’. Ube esenxusa abantu besifazane ukuba bayeke ukuthemba kalula abantu besilisa abangabazi nokuthi baqhamukaphi.

“Laba bantu babulawele ukuthi bebenothando, benakekela futhi bethemba ngoba bethi umuntu bayamazi. Bebemethemba lomuntu obabulele. Ngikhathele yilento eqhubekayo yokulokhu kubulawa abantu besifazane manje. Kumele kube khona ozosukuma akumele lokhu kube khona umnyakazo owenziwayo ngoba izinkulumo azisizi ngalutho,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomndeni lithe umsolwa lona owenze lento oneminyaka engama-26 ubudala wafika kubona wazenza isihlobo wathi ubaba wakhe wamulahla esamncane, umawakhe wabe esemusa ezintandaneni. Uthe ngesikhathi efika okokuqala kulo mndeni umsolwa wafike wathi uyalelwe abezenhlalakahle.

“Ngesikhathi efika oma bamamukela kahle bajabulela ukuthi uyanda umndeni kanti lomuntu uzogcina enze lento esingazi ukuthi kungani eyenzile. Izinhliziyo zethu zibuhlungu kakhulu ikakhulukazi mina ngoba la bantu yibona izingane zasekhaya ebesengisele nazo zingibhekile.Ukuboshwa kona bazoboshwa kodwa izinhliziyo zethu zona zibuhlungu,” kubeka lona.

Elinye ilunga lomndeni uGugu Ngema uthe banethemba lokuthi umndeni uzothola ukuthula njengoba abasolwa sebeboshiwe.

“Sifuna ukumbheka emehlweni umsolwa simbuze ukuthi kungani enza lento ayenza,” kusho yena.

Unks Snenhlanhla Goso naye oyilunga lomndeni uthe bebengakwazi ngisho ukulala ebusuku njengomndeni ngesikhathi umsolwa ebesagcwele izinkalo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.