Bacela ukulungiselwa ibhuloho eliyingozi

2019-11-27 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIbhuloho umphakathi okhala ngalo ukuthi liyingozi.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIbhuloho umphakathi okhala ngalo ukuthi liyingozi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAHLALI basendaweni yaseMbali Unit 14 bathi bahlalele ovalweni ngenxa yebhuloho elibhodlokayo nabathi basaba ukuthi uma kungafika izimvula ezinkulu kuzoba khona umonakalo.

Leli bhuloho elisendaweni yaseziTendeni khona e-Unit 14 selibhodlokile kanti amalunga omphakathi athi liyancipha njalo njengoba nezimoto ezimbili zingasakwazi ukuhamba kulo kanyekanye, kodwa kumele zilindane ngenxa yokuthi ibhuloho selilincane.

Amalunga omphakathi akhulume ne-Echo ngesikhathi ivakashele le ndawo ngoMsombuluko athe njengoba izulu lisanda kuna imvula enkulu ngesonto eledlule bahlalele ovalweni ukuthi kuzokwenzekani uma kungabuya imvula engaphezu kwayo.

“Uma like [lana] izulu amanzi ahamba ngaphezulu akuhambeki ngisho amakhumbi imbala awakwazi ukuwela azolanda abantu ama ngaphesheya. Uma ngabe ufuna ukuya edolobheni kade [linile] kufanele ukuthi ukhumule izicathulo uhambe ngezinyawo ukuze uzokwazi ukuthi uwele ibhuluho bese uqale phansi usule izinyawo ugqoke izicathulo usungaphesheya ukuze uzogibela itekisi. Kunzima nje akuyona nje impilo le ngoba njalo liyancipha. Ngelinye ilanga kuyothiwani livele livodloke lonke kukhona abantu abahamba phezu kwalo okanye imoto?” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi lithe : “Izingane zethu uma ngabe ziya esikoleni [uma linile] kumele zifukulwe ziweliswe ebhulohweni ngoba kusuke kungahambeki. Kubi nje ngempela sifuna ukulungiselwa ngoba liyabhodloka liyaphela.

“Uma ngabe uhambile waya edolobheni [lase lina] ungakabuyi uyabikelwa nje ngoba usuke sewazi ukuthi ikhumbi isizokushiya esitobhini ekungasona esakho ngoba amakhumbi awakwazi ukuhamba ebhulohweni [malina].

Noma kuthiwa akusakhiwa ke ibhuloho elisha kodwa ukuthi kulungiswe leli elikhona ngoba phela liyingozi kuthina sonke,” kubeka yena.

Abahlali bakule ndawo bathi leli bhuloho kade laqala ukubhidlika kodwa akukho lutho okwenzekayo kanti futhi akekho okhuluma indaba yokuthi lingahle lilungiswe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.