Bacela usizo abanakekela izintandane

2019-10-09 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweUmsunguli wenhlangano i-Gideon Foundation uMnu John Cebekhulu.

ISITHOMBE: sithunyelweUmsunguli wenhlangano i-Gideon Foundation uMnu John Cebekhulu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO engenzi nzuzo eyaziwa ngokuthi iGideon Foundation endaweni yaseMbumbane KwaMafunze, e-Elandskop, ithi nakuba kuyisifiso sabo ukuthi baqhubeke nokusiza izingane ezingasenabazali , kodwa bangakujabulela ukuthi kube khona uxhaso abalutholayo noma ngabe ikubani.

Le nhlangano yasungulwa ngonyaka wezi-2008 ngenhloso yokuthi ikwazi ukuthi ilekelele izingane ezingasenabazali zasendaweni yakhona KwaMafunze.

UMnu John Cebekhulu nongumsunguli wale nhlangano uthe inhloso enkulu yayo ukulekelela izingane eziyizintandane.

Uthe ngesikhathi iqala babengenazo izingane eziningi kodwa manje sebenakekela izingane ezingama-85.

“Ngesikhathi siqala besihleli sizilanda esikoleni siziphakela njalo kodwa ngenxa yokuthi zonke izimali beziphuma emakhukhwini ethu manje sesikwazi ukuthi siziphakele ngempelasonto kuphela.

“Kodwa akusikona loko kuphela esizenzela kona njengoba zibuye zenze nezifundo zeBhayibheli ziphinde zibambe iqhaza ezintweni ezahlukene eziphathelene nobuciko. Siphinde sizilekelele nangomsebenzi wesikole kanti kwabanye abaningi siyawubona umehluko omkhulu emsebenzini wabo wesikole,” kusho yena.

Le nhlangano iphinde inikele ngezimpahla zokugqoka kulezo zingane eziswele.

Amalunga ale nhlangano aqoqa abantwana abayizintandane abahlala nogogo bese bebafaka ngaphansi kwale nhlangano ngenhloso yokubasiza.

UMnu Cebekhulu uthes bangakujabulela uma ngabe abantu benganikela nanoma yingani abanayo njengoba konke abakwenzayo kusuke kuphuma emaphaketheni abo kungekho muntu obalekelelayo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.