Bacela uxhaso abaqale ama-aerobics

2018-05-23 06:00
isithombe: lethiwe makhanyaAmalungu omphakathi ajoyine iqembu lokujima.

isithombe: lethiwe makhanyaAmalungu omphakathi ajoyine iqembu lokujima.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAHLALI baseMbali Unit J sebeqale uhlelo lokujima ama-aerobics ngenhloso yokugcina imizimba yabo iphilile nokuthi bengangenwayizifo kalula.

Ngokusho kuka Nkk Vamisile Mkhize nongomunye wabasunguli balolu hlelo lokujima uthe bahlangana kusuka ngoMsombulo kuya kuLwesihlanu ligamenxe ihora lesine (4.30 pm) kuya ekugamanxeni kwehora lesihlanu (5.30 pm).

Elandisa i-Echo uthe ungumuntu okuthandayo ukuzivocavoca yingakho benqume ukuthi basukume belekelele umphakathi othanda ukuzivocavoca.

“Sibonile ukuthi kungaba into enhle ukuthi sifake wonke amalungu omphakathi ukuthi kulolu hlelo. Akukhathalekile ukuthi uneminyaka emingaki ngoba samukela wonke umuntu. Lokhu kuzosisiza kakhulu thina banatu besifazane ikakhulukazi intsha ukuthi iziqhelelanise nezinto ezingalungile ezifana nokuphuza utshwala nokukhulelwa okungahleliwe. Izophinde isisize futhi ekutheni sihlale sinempilo sibe yimiqemane singangenwa izifo kalula ,” kubeka yena.

Uthe lolu hlelo baluqale ezinyangeni ezintathu ezedlule kanti selokhu beqalile lukhombisa ukukhula kakhulu.

“Ngesikhathi siqala sasinabantu abangama-20 kuphela, kodwa manje sicishe sibe ngama-40. Abantu bayakuthokozela kakhulu lolu hlobo lokuzivocavoca ngoba bathola ithuba lokuzivocava bephinde bezijabulise ngesikhathi esisodwa ngenxa yomculo osuke udlala. Inkinga esinayo nje wukuthi sishoda ngezinto zokujima yingakho sicela noma ubani ongasisiza ukuba afake isandla ukuze nathi sithuthuke.

Okwamanje sinomuntu osilekelelayo nosifundisayo, kodwa nathi siyafuna ukukhula sifunde nezinye izindlela ezahlukene zokuzivocavoca,” kubeka yena.

UNkk Mkhize uthe noma ubani ophuma kweyiphi indawo uvumelekile ukuza azojoyina iqembu labo lokuzivocavoca.

UNks Fezeka Dladla ojoyine lolu hlelo uthe: “Thina bantu besifazane saziwa kakhulu njengabantu abakhulu ngemizimba lolu hlelo luzosisiza kakhulu ekutheni sikwazi ukugcina imizimba yethu inempilo futhi iyilento esiyifunayo. Ngijabule kakhulu mina ukuthi sinohlelo olufana nalolu.”

UNks Senzeni Ngcobo naye uthe kuyamjabulisa ukuthi sekunohlelo olufana nalolu wathi uyafisa sengathi lungaqhubekela phambili.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.