Bacela uxhaso ukuze kuzogcotshwa iNkosi

2019-01-16 06:02

KUNXENXWA umphakathi waseMaqongqo ngaphansi kweNkosi uNdabezitha Maphumulo ukuba belule isandla banikele ngalokho abanako ukuze kuzokwenziwa umcimbi wokugcotshwa kweNkosi kule ndawo.

Okwamanje le ndawo yengamelwe yiNkosi uNdabezitha Nhlakanipho Maphumulo osewagcotshwa kanti ozogcotshwa manje ngokusemthethweni uNdabezitha Baningi Maphumulo, njengongumkhulu wenkosi ekhona njengamanje.

Ngokusho kukaMnuz Maphumulo nonguNobhala weNkosi lena ezogcotshwa, uthe ukugcotshwa kweNkosi yesibili akusho ukuthi lena ekhona iyasuswa esikhundleni.

“Inkosi ekhona manje isancane kakhulu kanti inhloso yokuthi kugcotshwe inkosi yesibili ukuthi bakwazi ukusebenzisana basizane ekubuyiseni kahle imithetho kanye nenhlalakahle yabantu endaweni kwazise iNkosi lena endala inolwazi olunzulu.

“Bebevele besebenzisana nangaphambilini kodwa manje sifuna ukuthi agcotshwe naye ngokusemthethweni ngoba vele naye uyinkosi ngokwakhe,” kubeka yena.

Uthe kungokokuqala ukuthi kwenzeke into efana nalena kule ndawo kodwa wathembisa ukuthi akukho okutheni okuzoshintsha ngoba inhloso ukusiza umphakathi uphile kahle.

Uma ngabe kukhona ongathanda ukwelula isandla angaxhumana naye uMnuz Maphumulo enombolweni ethi: 073 6140 570 okanye bathinte uLucky enombolweni ethi: 079 290 7786.

I-account number yona imi kanje: Nedbank 4059 9630 0413.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.