Bacobelelane ngolwazi abesifazane

2019-02-13 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUMfundisi Mzinyathi.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUMfundisi Mzinyathi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBANDLA i-Uniting Presbyterian Church in Southern Africa (UPCSA) esekethe i-New Edendale Congregation libe nengqungquthela yomama ehholo laKwaCaluza ngempelasonto.

Le ngqungquthela eba minyaka yonke iqale ngoMgqibelo ekuseni yabe isiphela ngoSonto ntambama kanti ibihlanganisa amagatsha ali-11 angaphansi kwe-Drankensburg Prest namanye amagatsha angaphandle.

Ingqikithi yakulo nyaka ibithi Walk in Unity.

UMfudisi Mzinyathi nobebambele umongameli uMama Stuurman uthe kule ngqungquthela kusuke kuhlangene abantu besifazane nentsha kanti kuhloswe ngayo ukufundisana ngezwi kuphinde kuhlolwe nomsebenzi wesonto emagatsheni ahlukene.

“Igatsha negatsha liletha umsebenzi walo wonyaka wonke njengoba unyaka wethu uphela ngenyanga kaNhlolanja (February) nalapho sisuke sibheka khona ukuthi umsebenzi uhambe kanjani. Ngaphandle nje kokufundisana ngokomoya nokubheka umsebenzi sibuye sifundisane siphinde sikhulisane ngezinto ezenzekayo.

“Sikhuluma ngezihloko ezahlukene nezisuke zithinta kakhulu umphakathi ngaleso sikhathi. Sibiza abantu abaphuma emikhakheni eyahlukene ukuba bazolekelela banikele nangolwazi kumalunga ethu ukuze ezosizakala,” kubeka yena .

Uqhube wathi baphinde bazame ukunikela kwamanye amalunga ebandla antulayo ngoba bakholelwa wukuthi kumele babuyisele emphakathi.

“Siyafisa ukuthi ngelinye ilanga sihlanganyele namanye amabandla ukuze sizofundisana sonke,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.