Badedeliwe abasebenzi basemakhazeni abebeboshiwe

2018-12-19 06:00
Kungesikhathi abasebeni bebhikisha ngesonto eledlule.ISITHOMBE : lethiwe makhanya

Kungesikhathi abasebeni bebhikisha ngesonto eledlule.ISITHOMBE : lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Laba basebenzi baphinde baveza ukuthi ngesonto eledlule kunabantu abagasele nezibhamu kulendawo basabisa abasebenzi ngoba befuna ukukhishelwa imzimba yabantu.

USihlalo we-Cosatu esifundazweni saKwaZulu -Natal uMnuz Skhumbuzo Mdlalose nobeyingxenye yalo mbhikisho uthe uDhlomo usejoyine uhlu lwabanye ongqongqoshe abahlulwa ukwenza umsebenzi esifundazweni saKwaZulu-Natal.

“Esikhundleni sokuthi akhombise ubuholi njengongqongqoshe uvele afune ukuphenduka azenze udokotela. Kunezidumbu la esezihlale kusukela ngo-2014 zihleli endaweni okungasiyona amakhaza ngoba iziqandisi azisebenzi.

Abasebenzi abahlanza indawo kanye nabashayeli bezimoto sebetshelwa ukuthi abahlanze izidumbu nokuyinto abangayifundelanga. Siyi-Cosatu sizokhipha isitatimende esishoyo ukuthi siyayeseka i-Nehawu kanti futhi sizoba nayo kuze kube uyadlula lomzabalazo wabo,” kubeka yena.

NgoLwesibili uMnyango wezeMpilo ukhiphe isitatimende ubonga inkantolo ngokunikeza isexwayiso sokuthi babuyele emsebenzini ngokushesha uma ngabe bengafuni ukuphinde baboshwe okanye baxoshwe.

“Umnyango uzobe usiqaphe ngeso lokhozi isimo kulama khaza. Sifuna ukuphinde sixolise futhi kumalunga omphakathi ngokubambezeleka abhekane nako ngenxa yokusebenza kwabasebenzi behudula izinyawo.Ngaphandle kwaloku umnyango uyaqhubeka nokuzibandakanya ekuxoxisaneni nezinhlelo zabasebenzi ekulungiseni izinkinga zabasebenzi.”

Usekela Nobhala weNehawu esifundazweni saKwaZulu-Natali uMnu Phakama Ndunakazi utshele i-Echo izolo (ngoLwesithathu) ukuthi bamatasa bayalela abasebenzi ngomthelela umyalelo wenkantolo onawo,

“Sekucacile ukuthi umqashi akazimisele ngokulungisa izinkinga zabasebenzi kanti futhi njengabaholi sesiyacasuka manje. Esikhundleni okuthi axoxisane nathi ugijima ubizela abasebenzi amaphoyisa uyababopha. Ubethi abasebenzi bazosebenza kanjani ekubeni azithatha zonke izinsiza kusebenza? Into esiyenzayo manje ukuthi sihlanganisa abasebenzi kanti futhi sizolandela umthetho wabasebenzi ukuba sibe nokhukhulela ngoqo wesiteleka esisemthethweni kodwa,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 

Enter the examination number or search by province or school (NSC Students) to view results.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.