Badedeliwe abasebenzi basemakhazeni abebeboshiwe

2018-12-19 06:00
Kungesikhathi abasebeni bebhikisha ngesonto eledlule.ISITHOMBE : lethiwe makhanya

Kungesikhathi abasebeni bebhikisha ngesonto eledlule.ISITHOMBE : lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BADEDELWE ngomubandela othi kumele babuyele emsebenzini abasebenzi abali-17 basemakhazeni kahulumeni esibhedlela i i-Fort Napier kulandela ukuboshwa kwabo ngoMsombuluko mhla zili-10 ku Zibandlela (December).

Laba basebenzi baboshelwe emsebenzini kanti bavele enkantolo yezabasebenzi eThekwini ngoLwesibili mhla zili-11 ku Zibandlela nalapho kade bebhekene khona necala lokuhluleka ululandela umyalelo wenkantolo wokuthi babuyele emsebenzini kulandela isiteleka sabo esesidonse amasonto nalapho bekhala khona ngezimo abasebenza ngaphansi kwazo.

Laba basebenzi bathi abazi ukuthi yini into ababoshelwe yona ngoba beyingekho into abazoyenza vele emsebenzini ingakho kade bezihlalele bengenzi lutho.

“Saphucwa zonke izinsiza zokusebenza ngesonto eledlule saphucwa nezimoto nemizimba yabantu yathathwa manje asazi ukuthi bekuthiwa asenze njani. Bekuthiwa asisebenze ngani ngempela?,” kubeka omunye wabasebenzi.

Laba basebenzi baboshwa nje ngoLwesine olwedlule kade benombhikisho kusona lesi sibhedlela nalapho kade bekhala khona ngokuthi abasamfuni ungqongqoshe wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo ngoba uhlulekile ukulungisa izinkinga zabo kodwa into ayaziyo ukuvele afune ukushintsha azenze udokotela bese ajahe nokubabizela amaphoyisa.

Babamba lo mbhikisho nje uMnyango wezeMpilo ubukhiphe umyalelo othi ababuyele emsebenzini ngoLwesithathu olwedlule okanye bachithe izinsuku ezingama-30 ejele.

Laba basebenzi abangaphansi kwe-Nehawu bathi bakhathele uDkt Dhlomo ohlulwa ukulungisa izinkinga.

Abasebenzi babeka amathuluzi phansi emasontweni ambalwa edlule bekhala ngesimo sokusebenza esingalungile, ukungabikho kwengqalasizinda kanye nokunyuselwa amaholo.

Bebhikisha ngaphandle kwamasango ase-Fort Napier ngoLwesine olwedlule abasebenzi bafunge bagomela ukuthi angeke baze balubhade emsebenzini zingakalungiswa izinkinga abakhala ngabo.

UMnuz Zamisile Giyama onguNobhala weNehawu esifundeni i-Harry Gwala uthe uDkt Dhlomo uhlulekile ukuba ungqongqoshe. Uthe abasebenzi benziwa izinto zokudlalela nje.

“Uma ngabe bathi bafuna ukubopha abasebenzi abalwela izidingo zabo kungcono bavele basibophe sonke okungcono. Lo mbhikisho uyisexwayiso nje ukuthi siyeza ngamandla,” kubeka yena.


LUYAQHUBEKA EKHASINI LESI-3

Laba abasebenzi baphinde baveza ukuthi ngesonto eledlule kunabantu abagasele nezibhamu kulendawo basabisa abasebenzi ngoba befuna ukukhishelwa imizimba yabantu.

USihlalo we-Cosatu esifundazweni saKwaZulu -Natal uMnuz Skhumbuzo Mdlalose nobeyingxenye yalo mbhikisho uthe uDhlomo usejoyine uhlu lwabanye ongqongqoshe abahlulwa ukwenza umsebenzi esifundazweni saKwaZulu-Natal.

“Esikhundleni sokuthi akhombise ubuholi njengongqongqoshe uvele afune ukuphenduka azenze udokotela. Kunezidumbu la esezihlale kusukela ngo-2014 zihleli endaweni okungasiyona amakhaza ngoba iziqandisi azisebenzi. Abasebenzi abahlanza indawo kanye nabashayeli bezimoto sebetshelwa ukuthi abahlanze izidumbu nokuyinto abangayifundelanga. Siyi-Cosatu sizokhipha isitatimende esishoyo ukuthi siyayeseka i-Nehawu kanti futhi sizoba nayo kuze kube uyadlula lomzabalazo wabo,” kubeka yena.

NgoLwesibili uMnyango wezeMpilo ukhiphe isitatimende ubonga inkantolo ngokunikeza isexwayiso sokuthi babuyele emsebenzini ngokushesha uma ngabe bengafuni ukuphinde baboshwe okanye baxoshwe.

“Umnyango uzobe usiqaphe ngeso lokhozi isimo kulama khaza. Sifuna ukuphinde sixolise futhi kumalunga omphakathi ngokubambezeleka abhekane nako ngenxa yokusebenza kwabasebenzi behudula izinyawo.Ngaphandle kwaloku umnyango uyaqhubeka nokuzibandakanya ekuxoxisaneni nezinhlelo zabasebenzi ekulungiseni izinkinga zabasebenzi.”

Usekela Nobhala weNehawu esifundazweni saKwaZulu-Natali uMnu Phakama Ndunakazi utshele i-Echo izolo (ngoLwesithathu) ukuthi bamatasa bayalela abasebenzi ngomthelela umyalelo wenkantolo onawo,

“Sekucacile ukuthi umqashi akazimisele ngokulungisa izinkinga zabasebenzi kanti futhi njengabaholi sesiyacasuka manje.Esikhundleni okuthi axoxisane nathi ugijima ubizela abasebenzi amaphoyisa uyababopha. Ubethi abasebenzi bazosebenza kanjani ekubeni azithatha zonke izinsiza kusebenza? Into esiyenzayo manje ukuthi sihlanganisa abasebenzi kanti futhi sizolandela umthetho wabasebenzi ukuba sibe nokhukhulela ngoqo wesiteleka esisemthethweni kodwa,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 

Enter the examination number or search by province or school (NSC Students) to view results.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.