Badedeliwe ebebesolwa ngokubulala ikhansela

2019-02-06 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweIlabo akade besolwa ngokubopha uzungu lokubulala ikhansela.

ISITHOMBE: sithunyelweIlabo akade besolwa ngokubopha uzungu lokubulala ikhansela.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BADEDELiWE labe selihoxiswa icala ebelibhekene nabalisa abahlanu kanye nowesifazane oyedwa nakade besolwa ngokuthi babopha uzungu lokuzama ukubulala iKhansela laka-ward uMnu Thamsanqa Sithole phakathi konyaka wezi-2016 kanye nonyaka wezi-2017.

UMnu Sipho Mphilisi Ndlovu, Thabani Ngubane, Victor Ndlela, Mfaniseni Hadebe, Fethi Mthembu kanye noNks Philile Shezi nokhulelwe bebevele enkatolo kaMantshi ngoLwesihlanu olwedlule mhla zingama-25 kuMasingana (January) nalapho kade bemelwe khona uMnu Phumlani Fakude we-Fakude Attorneys. Icala labo libe selihlehliswa ngoba kuthiwa ubufakazi abuhlangani.

Laba akade bengabasolwa baboshwa ngesintathakusa zangoLwesithathu beboshwa ithimba elibhekelele ukubulawa kwamakhansela.

Laba abakade beboshiwe bathi bazimisele ngokuthathela umbuso izinyathelo ngemuva kokubabopha ngaphandle kobufakazi obugcwele. baphinde bakhale ngokuthi behliseke isithunzi njengoba bese kwaziwa ukuthi babe bopha uzungu lokubulala ikhansela base beboshwa naphambi kwemindeni yabo.

UMnu Sipho Ndlovu nongomunye wakade beboshiwe uthe : “Amaphoyisa avele aqala ngokusibopha nje ngaphambi kokuba nobufakazi obanele ukuthi ngampela lento esisolwa ngayo sayenza. Sifisa ukwazi ke ukuthi umuntu uyaboshwa yini ngaphandle kobufakazi, lento abayenzile ukusihlambalaza nje emphakathi,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.