Badedelwe ngebheyili abeziqhumane

2018-07-11 06:02

ABASOLWA ababili ababhekene nama cala okutholakala neziqhumane eziyingozi nama khadi asebhange okusolakala ukuthi antshontshiwe badedelwe ngebheyili ka-R2000 umuntu ngamunye.

UMnuz Scelo Mthethwa (32) noMnuz Thulani Mndaweni (37) bebevele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesithathu mhla ka-4 kuNtulikazi (July).

Encwadini yabo efungelwe nokuyiyona ekade becela ngayo isicelo sebheyili ngoMsombuluko mhla ka-2 kuNtulikazi (July), baveze ukuthi bazowaphika la macala abasolwa ngawo. Lokhu kuvezwe ummeli wabo uMnuz Mcelwa Ngcobo weFakude and Associates. Abasolwa baboshwa mhla zingama-20 kuNhlangulana (June) emafulethini ase-Aloe Ridge beboshwa wuphiko lwama-Hawks.

UMnuz Ngcobo uphinde waveza ukuthi ngeke kuze kube wubulungiswa uma abasolwa bengadedelwa ngebheyili. “Umbuso awunalo icala eliqinile. Abasolwa baveze ngokusobala ukuthi bazoliphika icala lokutholakala neziqhumane eziyingozi.

“Abasolwa banencazelo egcwele mayelana necala lamakhadi.

“Izinsolo zokuthi amakhadi antshontshiwe azilona iqiniso.”

Lowo omele umbuso uNkk Padayachee uveze ukuthi umbuso awuphikisani nokuthi abasolwa badedelwe ngebheyili. Uthe umphenyi wecala uKapteni Nelson Naicker wophiko lwama-Hawks ufake incwadi efungelwe enkantolo eshoyo ukuthi naye akaphikisani nokuthi abasolwa badedelwe ngebheyili. Uthe lokhu ukusho ngezizathu zokuthi amakheli abasolwa bobabili aseqinisekisiwe futhi abasibona abantu abangalibalekela leli cala.

UNkk Padayachee uphinde waveza ukuthi abasolwa bangofishi abancane bona bafuna ofishi abakhulu okuyibona ongqondongqondo kuleli cala.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.