Badilizelwe izindlu abazithathele umhlaba kamasipala ngo ‘dli’

2019-08-28 06:02
ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUMnu Zithulele Bawane eme eduze konjondolo wakhe odiliziwe.

ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUMnu Zithulele Bawane eme eduze konjondolo wakhe odiliziwe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGA omphakathi azithathele umhlaba kamasipala uMsunduzi endaweni yase-Foxhill ngase-Thornville ngaphandle kwemvume athi angeke aze ayeke ukwakha kuze kube umasipala uMsunduzi ubavezela amaphepha aqinisekisayo ukuthi ngempela umhlaba ngokamasipala.

Lamalunga asho lokhu ngoLwesibili mhla zingama-20 kuNcwaba (August) ngemuva kokuba abasebenzi bakamasipala abalwisana nokuthathwa komhlaba ngo ‘dli’ begasele khona bafika badiliza imijondolo ekade seyiqale ukwakhiwa.

Umphakathi obusuqalile ukwakha kule ndawo uvuke umbhejazane wanikela kulendawo ebeyigadwe nangamaphoyisa ophiko lwe-Public Order Policing (POP) nokuyilapho uveze khona ukuthi angeke baze bayeke ukuzitapela kulomhlaba.

Elinye ilunga lomphakathi elikhulume ne-Echo uMnu Zithulele Bawane uthe bona abalwi nomasipala kodwa bazithathele indawo engasebenzi ngoba sebekhathele ukuhlala ezindaweni ezingalungile nalapho bekhokha khona imali.

“Le ndawo lena ivulelekile akukho muntu oyisebenzisayo. Ngisho umasipala imbala nawo awazi uzoyenzayi awunawo amacebo ngayo ingako sizithathele yona thina. Asilwi namuntu sidinga izindawo zokuhlala nje kuphela,” kubeka yena.

Lamalunga omphakathi aveze ukuthi asezame ukwakha kule ndawo izikhathi ezintathu kodwa umasipala ufika ubadilizele ngaphandle kwencwadi ephuma enkantolo (court order).

Amanye amalunga omphakathi asakhe izindlu ezinegumbi elilodwa ngezitini.

Ekhuluma ne-Echo aveze ukuthi umasipala ubusudilize izindlu ezilinganiselwa kwezinhlanu kwaze kwadinga ukuba bangenelele ukuzonqanda ukuthi kungadilizwa ezinye.

Elinye ilunga lo mphakathi uMnu Norman Gebashe uthe udaba lokubangwa kwalo mhlaba nomasipala into ekade yaqala kangangokuba sebephuma ngisho enkantolo. Uthe ngesikhathi beye enkantolo ngonyaka owedlule inkantolo yayalela umasipala ukuba ulethe izincwadi eziqinisekisayo ukuthi umhlaba owabo kodwa loko akuzange kwenzeke. “Kuze kube leyoncwadi iyavela siyayikhonjiswa asikakazu yeka ukwakhala kule ndawo sisazoqhubeka ayikho into ezosivimba. Silinde incwadi evela enkantolo nokuyiyona ezothatha isinqumo ukuthi kwenzakalani ngale ndawo.

“Okokuqala ngesikhathi befika lana bezobhidliza abazange basho lutho bavele bafika baqala babhidliza abaphethe ngisho amaphepha abanikeza imvume yokuthi bangasibhidlizela izindlu. Mina bangibhidlizela nangonyaka owedlule kukaningi behleli befika lana bezobhidliza.,” kubeka yena. Ngemuva kokuba kuhambe amaphoyisa kanye nabaphuma kamasipala amalunga omphakathi aqhubekile agxumeka imijondolo yawo kanti abanye bona bebesasika izindawo.

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha uthe umphakathi uzithathele umhlaba kamasipala ngaphandle kwemvume ingako bedilizelwe labo akade sebeqala ukwakha.

“Umasipala unetayitela lale ndawo. Umphakathi waziswa izikhathi eziningi ukuthi awuvumelekile ukwakha kuleyandawo ngaphambi kokuba baze babhidlizelwe. Baze bakhonjiswa ngisho itayitela.

“Namhlanje (ngoLwesibili) bekuzohlolwa umhlaba sawukhombisa umphakathi indawo okungeyamasipala. Umasipala uzothola incwadi ephuma enkantolo ebavimbelayo ukuthi baqhubeke bakhe kule ndawo,” kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.