Badube irenki bekhala ngokungcola

2019-06-12 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi amatekisi evale umgwaqo uPietermaritz ngoLwesine olwedlule.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi amatekisi evale umgwaqo uPietermaritz ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“SIKHATHELE ukulunywa omasikito erenki ngenxa yokungcola.”

Lawa ngamazwi abashayeli bamatekisi ama eMgodini nabathi sebekhathele ukusebenzela endaweni engcolile nenukayo.

Labashayeli bavale umgwaqo uPietermaritz ngamatekisi ngoLwesine olwedlule nalapho kade befuna khona iMeya kaMasipala uMsunduzi ukuba izolalela izinkinga zabo bese kuhlanzwa nendawo lapho besebenzela khona.

Abashayeli abahambela ezindaweni eziningi ezahlukene bafunge bagomela bathi angeke baze babuyele ukuyosebenzela kule renke ingakahlanzwa ngendlela efanele.

Ngaphandle kokungcola nokuncinzwa omasikoto baphinde bakhala ngokungabi khona kukanogada ozogada ukuthi akugcini yini kugcwala abantu abangadingeki nabasuke bezoganga babheme nezidakamizwa khona kuleli renki.

Omunye wabashayeli uMnu Sfiso Ntshangase uthe okubuhlungu ukuthi lokhu kungcola kugcine sekubaqatha nabagibeli kube sengathi ibona abaletha ukungcola erenki.

“Uthi uhamba ulayishe umphakathi uyodelelwa okanye uchwenswe ngokungcola kwerenke uze uyofika lapho uya khona. Kwesinye isikhathi sigcina sesikhuluma kabi nabagibeli ngoba sidinwa izinto abazikhulumayo nabenza sengathi ithina esingcolisayo noma esithi alingahlanzwa,” kubeka yena.

UMnu Hlanganani Mncwabe nohambela endaweni yaseMthatha uthe: “Uthi ufika lapho uya khona inhliziyo isuke ingasekho ngoba abantu beloku bekungcofa ngokungcola kwerenke.”

Laba bashayeli baphinde baveza ukuthi ngisho izindlu zangasese zakule renki zingcolile kanti futhi kunabantu abafika bezobhemela khona ngoba akekho unogada oziqaphile nokwenza kube lula ukuthi abantu bazenzele umathanda.

Baveze ukuthi kunesikhathi lapho lezindlu zangasese zike zavalwa izinyanga ezine zingasebenzi kodwa bengazi ukuthi zivalelweni nokuthi kungani zingasebenzi.

Imeya yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo uvakashele kule ndawo ngoLwesine nalapho efike wazibonela yena isimo esikhona ngaphakathi erenki.

Ekhuluma ne-Echo uMnu Njilo uthe bengumasipala bazosiza ukuthi bahlanze le ndawo ngokuthi bafuthe ukuze kuzophela omasikito kanye nephunga elibi.

“Singenile nathi impela ngaphakathi erenke isimo sakhona asigwinyisi mathe neze. Siphinde sathola ukuthi kunezindlu ezikhona ngaphakathi erenke ezingavulwa umuntu kodwa ezivulwa abantu abathize kuphela. Lezo zindlu nazo sizoqeda ngazo ngoba asazi ukuthi kungani zingavulwa.

“Ngesikhathi kuhlanzwa le ndawo amakhumbi wona sizowazamela enye indawo azoma kuyona ngesikhathi kusahlanzwa le ndawo,” kubeka yena.

Nakuba imeya yathembisa ngoLwesibili ukuthi le ndawo izohlanzwa ngoLwesihlanu abashayeli bamatekisi bebesatelekile bevale nomgwaqo uBoshoff nokuyinkomba yokuthi irenke yabo ibingakahlanzwa.

Amatekisi abesema. ngaphandle.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.