Bafake umasipala enkantolo abafuna ugesi wamahhala

2016-08-03 06:00
PHOTO:nokuthula khanyile Abhikishe ngaphandle kwenkantolo amalunga e-Electricity Action Group afuna ukuhlinzekwa ngogesi wamahhala.

PHOTO:nokuthula khanyile Abhikishe ngaphandle kwenkantolo amalunga e-Electricity Action Group afuna ukuhlinzekwa ngogesi wamahhala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAFAKELE umasipala woMsunduzi icala enkantolo ephakeme yaseMgungundlovu abangamalunga enhlangano yomphakathi i-Electricity Action Group (EAG) akade befuna ukuhlinzekwa ngogesi oyisibonelelo wamahhala.

Lamalunga alenhlangano abebhikisha ngaphandle kwenkantolo ephethe izinqwembe ezikhala ngokubiza kwamanani kagesi. I-EAG inhlangano yomama abantulayo abavela emiphakathini eyahlukene eMgungundlovu okubalwa iSnathing, Honeyville kanye nase Crossini. Ngokusho kokhulumela lenhlangano uBonginkosi Sibisi uthe umasipala ngokusebenzisana nabenkampani ephakela ugesi kuleli u-Eskom, bahlulekile ukunikezela ngesinye sezidingo ngqangi.

“Ngonyaka ka 2013 uhulumeni kazwelonke wathula inqubomgomo kagesi wesibonelelo wamahhala, lenqubomgomo yayilethelwe ukusiza imindeni entulayo ukuba ikwazi ukukhona ukukhokhela ugesi.” USibisi uthe okuxakayo ukuthi umasipala woMsunduzi awuyilandeli lenqubomgomo yize ngonyaka ka 2014/15 uthole imali elinganiselwa ku R373 million.

“Lena imali yokukhokhela izinsizakusebenza zamahhala eziyisibonelelo. Iyona mali ekufanele engabe ikhokhela ugesi walabo abantulayo,” kusho uSibisi.

USibisi uthe kulemali umasipala usebenzise kuphela imali ewu R1 776 902 nokungacaci ukuthi enye ishonephi njengoba kusenemizi engu 68 000 ehlala abantu abantulayo edinga kakhulu ugesi. Iningi lalemindeni engatholi ukuhlinzekwa ngogesi icwile ezikweletini futhi iphoqeleka ukuba isebenzise izindlela ezingaphephile ukupheka kanye nokukhanyisa amalambu kanye nokuzigcina befudumela ikakhulukazi njengoba kusebusika.

“Njengenhlangano sikholelwa ukuthi wonke umuntu kufanele athole izinsiza, akekho umuntu ekumele anqatshelwe zona ngoba engakwazi ukuzikhokhela. Akufanele umasipala ubeke imali phambili bese ukhohlwa abantu,” kusho uSibisi. Omunye walabo akade bebhikisha ngaphandle kwenkantolo uthe iningi labo liphila ngemali yempesheni, “Njengoba siziphilisa ngesibonelelo sikahulumeni sigade nabazukulu, imali yethu ayeneli ukuthi singaphinde sikwazi ukukhokhela ugesi njengoba umba eqolo.”

Umasipala woMsunduzi ugcine wenze isivumelwano nalenhlangano ngaphandle kwenkantolo sokuthi kuyothi kushaya umhlaka 30 ku Okthoba nonyaka labo abafelwe izigubhu zikagesi ziyobe sezilungisiwe kanjalo nalabo abangenawo ugesi bayobe sebefakeliwe.

UMandla Gcwabaza naye ongaphansi kwalenhlangano uthe sibajabulise kakhulu isinqumo esithathwe umasipala woMsunduzi,

“Ngeviki elizayo kuzoqala uhlelo lokubhaliswa kwalabo abangenawo ugesi kanye nalabo abafelwe izigubhu. Sijabule kakhulu ngesinqumo yize sinemibuzo yokuthi kungani kuze kwadingeka ukuthi sifake umasipala ezinkantolo ukuze abantu bahlinzekwe ngesinye sezidingongqangi.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.