Bafuna izimpendulo ngomgwaqo ongapheli

2020-03-25 06:05
ISITHOMBE: LETHIWE MAKHANYAAmalunga omphakathi akhala ngokwakhiwa komgwaqo u-B2069 okungapheli.

ISITHOMBE: LETHIWE MAKHANYAAmalunga omphakathi akhala ngokwakhiwa komgwaqo u-B2069 okungapheli.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasendaweni waseMbutshane uthi ufuna izimpendulo mayelana nokungapheli komgwaqo owakhiwayo u-B2069 okhona kule ndawo. Amalunga alomphakathi athi lo mgwaqo kwakuthiwe uzophela ngemuva kwezinyanga ezili-10 kodwa sekuphele unyaka ungapheli.

Lo mgwaqo uqale ukulungsiwa ngenyanga kaNdasa (March) ngonyaka owedlule. Amalunga alomphakathi athi afuna ukwazi ukuthi yini ebambezele ukuthi kuqedwe lo mgwaqo njengoba namanje kungabonakali ukuthi uyaphi.

“Lo mgwaqo ulinganiselwa ku-1km kuphela kodwa namanje awukakapheli asazi ukuthi yini into ebambile. Kumanje kwi-site sekusele ugeleja owodwa kuphela asazi ukuthi kwenzekani. Umgwaqo umbiwe inqaba yemigodi eyingozi yaqede yashiywa kanjalo.

“Sifuna ukwazi ukuthi kwenzekalani ngoba phela lomgwaqo mufishane kabi kanti futhi ukuthi kumele ufakwe itiyela nje kuphela akukho okutheni,” kusho elinye ilunga lomphakathi elingathandanga ukudalulwa.

Umphakathi uqhube wathi okubaphatha kabi kakhulu ukuthi akukho abatshelwa kona mayelana nokwenza ukuthi lo mgwaqo ungaqhubeki ukwakhiwa.

Lo mphakathi ususabise ngokuthi uma kungukuthi lomgwaqo awuqhubeki kuze kuphele inyanga kuzobe sekubaphoqa ukuba baye emgwaqeni.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Mtshali uvumile ukuthi umgwaqo wawubekelwe izinyanga ezili-10. Uthe into ebambezelile ukuthi kube khona izinkinga ezibe khona ngesikhathi inkontileka isifikile sekumele iqale ukusebenza.

“Indaba yalo mgwaqo isuka kudala. Lona owakhiwa manje usuyisigaba sesithathu. Ngesikhathi kuqedwa isigaba sesibili umphakathi waphoqa ukuba kwenziwe nesigaba sesithathu kangangokuba kwaze kwaba khona isiteleka kwavalwa imigwaqo ngoba befuna kwakhiwe lo mgwaqo. Umasipala wabe usuphendula izikhalo zomphakathi waqoka inkontileka.

“Inkinga iqale ngesikhathi sekumele inkontileka iqale ukusebena kutholakale ukuthi kunezinye izinto ezingenziwanga ngendlela. Bebengakwazi ukuqala ukusebenza ngoba bekungazange kwenziwe ngisho ama-survey ngesikhathi beqokwa,” kubeka yena.

Uthe ngemuva kwalokhu kube sekubaphoqa ukuba baqale phansi balandela kahle uhlelo ngendlela efanele nokube sekwenza ukuthi kube khona ukubambezeleka kokusebenza.

“Bekusiphoqa ukuthi senze izinto negendlela besingeke sikwazi ukuthi sithi umsebenzi awuqhubeke ekubeni sibona ukuthi kunezinkinga ezikhona.

“Lezi zinkinga zidale ukuthi kube khona ukubambezeleka okuyizinyanga ezine.

“Inkontileka izoqala ukusebenza noma inini kusukela manje bese sizoba nomhlangano nomasipala ukuthola ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi uqedwe lo mgwaqo,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.