Bafuna izindlu abahlali baseSobantu

2018-05-02 06:00
Abahlali baseSobantu bevale umgwaqo ongenela kule ndawo ngoMsombuluko ekuseni.isithombe: lethiwe makhanya

Abahlali baseSobantu bevale umgwaqo ongenela kule ndawo ngoMsombuluko ekuseni.isithombe: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAHLALI baseSobantu badinwe bavala umgwaqo ongenela kulendawo ngeSonto nangoMsombuluko bekhala ngokungalethelwa izidingo abazifunayo.

Laba bahlali bebevale umgwaqo ngamathayi avuthayo bethi bafuna isekela likaMeya waseMsunduzi uMnuz Thobani Zuma azokhuluma nabo mayelana nodaba lwezindlu abathenjiswa ukuthi bazokwakhelwa zona eminyakeni eyi-10 eyedlule.

UMnuz Bongani Vilakazi okhulumela umphakathi utshele intatheli yephephandaba i-Echo ukuthi kwakumele kwakhiwe izindlu eziyi-1 000 e-Hollywood khona eSobantu.

Uthe: “Kwaphendulwa isoyi lokuqala ngo-2008 elesibili labe seliphendulwa ngo-2013 kodwa akukho okwake kwenzeka ngemuva kwalokho. Babuya sebesitshela ukuthi enye yalezi zindawo ayiphasanga ukuthi kungakhiwa kuyona izindlu zokuhlala abantu bathi bazoyinciphisa.

“Abazange besasitshela ukuthi kuzokwakhiwa izindlu ezingaki njengoba namanje kungakaze kwakhiwe ngisho eyodwa. Sibhekene nengwadla kule ndawo ngoba sihleli ezindlini simpintshene yingakho sidinga lezi zindlu,” kubeka yena.

Uqhube wathi sebeyilandelile imigudu efanele ukulwa udaba lwezindlu kule ndawo kodwa kunhlanga zimuka nomoya ingakho sebenqume ukuba babhikishe emgwaqeni ukuze bezothumela umyalezo oqinile.

“Sifuna uNgqongqoshe wezeZindlu esifundazweni saKwaZulu-Natali eze azokhuluma nathi simubikele izinkinga zethu ngodaba lwezindlu ngoba siyabona ukuthi akekho ofuna ukusisiza kule minyango elana eMgungundlovu futhi nomasipala awufuni ukusisiza. Sizoqhubeka nokubhikisha kuze kube uNgqongqoshe uyafika eze kuthina azokhuluma nathi ngoba sesikhathele manje. Ayikho into esenzelwa yona kule ndawo. Okubuhlungu ukuthi isekela Meya laseMsunduzi uMnuz Thobani Zuma wasitshela ukuthi angeke size sithole lutho eyintuthuko uma ngabe yena esakhona emandleni.

“Okusixakayo ngalamazwi akhe ukuthi ukuze akwazi ukungena kulesi sikhundla yithina esasimeseka siwa sivuka naye kodwa manje usesitshela ukuthi angeke size siyithole intuthuko.

“Ngisho ikhansela lethu selisitshelile ukuthi asivele sikhohlwe nje ukuthi sizoyithola intuthuko ngoba kuvale ipolitiki yakamasipala uMsunduzi ukuthi siyithole.”

Uphinde waveza ukuthi batshelwa ukuthi i-budget yalolu hlelo lwezindlu ikhona kodwa akuzange kwenzeke lutho emuva kwalokho.

Ngaphandle kwezindlu lo mphakathi ukhala gogesi abathi bafakelwa wona owaziwa nge “pilot electricity” nabathi ubalimaza kakhulu emalini .

Bathi uma bewufaka abawutholi uphelele futhi inani lawo liyashintshashintsha njalo bagcine bengasazi.

Okhulumela aamphoyisa esitesheni i-Mountain Rise uKapteni Gay Ebrahims uthe akukho muntu osaboshiwe ngalesi sigameko. Imizamo Okhulumela umasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha uthe uhlelo lwamiswa ngoba indawo yayingalungile ukuthi kungakhiwa kuyona izindlu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.