Bafuna kulungiswe ipayipi elivuzayo

2020-02-19 06:04
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaSelize labekwa amatshe ipayipi lamanzi elivuzayo eSobantu.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaSelize labekwa amatshe ipayipi lamanzi elivuzayo eSobantu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGA omphakathi waseSobantu athi akhathazekile ngepayipi lamanzi elivuzayo esekuphele isinto lingalungiswa ngemuva kokuba kubikiwe kamasipala.

Leli payipi liqhume ngesonto eledlule kodwa kuze kube imanje alikakalungiswa kanti amanzi wona ayaxhaxhaza ubusuku nemini.

Ngokuthola kwe-Echo leli payipi eliseduzane nasehholo lomphakathi kanye nasehhovisini lekhansela, lafakwa umasipala eminyakeni engaphezu kwemihlanu eyedlule ukuthi abantu bathole amanzi.

Ngokusho komphakathi wakulendawo, ngesikhathi kufakwa lelipayipi alizange lisagqitshwa, labe selishiywa lihamba ngaphezulu ngoba umasipala wawuthembise ukuthi into yesikhashana basazobuya bazolilungisa kahle kodwa kuze kube imanje lisahamba ngaphezulu. Ngesikhathi i-Echo ihambele le ndawo ngoLwesibili amanzi abexhaxhaza kanti eduze kwe payipi sekuze kwaba khona idamu okukhombisa ukuthi amanzi sekunesikhathi eside aqala ukuvuza. Amalunga omphakathi asebeke amatshe amakhulu phezu kwalapho kuqhume khona ipayipi ukuzama ukuvimba ukuthi amanzi angaxhaxhazi kakhulu.

Amalunga omphakathi akhulume ne-Echo kule ndawo athe akhathazekile kakhulu ngaloku ngoba maningi kabi amanzi asemoshekile.

“Kunezindawo eziningi kabi endaweni yaseMsunduzi ezingenawo amanzi esekuphele isikhathi eside futhi zingenawo kodwa umasipala ukwazi ukuthi uhlale isikhathi eside kangaka ungalungisi ipayipi elivuzayo .

“Lamanzi amangaka alahlekayo ubani okuzobe sekuthiwa akawakhokhele ngoba kuzobe sekufakwa lesi sikweletu kuthiwa asikhokhe ekubeni kuyibona abahluleke ukulungisa ipayipi ngesikhathi,” kusho elinye ilunga lomphakathi elakhelene naleli payipi elivuzayo. Lomphakathi uthi ufuna ukuthi umasipala ulungise lelipayipi bese uyaligqiba ukuze kungeke kuze kube lula ukuthi lilimale uma ngabe lugqitshiwe. Okhulumela umasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha akayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.