Bafuna kumiswe umfundi osolwa ngokudlwengula

2018-05-23 06:02
Imibhalo elengiswe eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngemuva kokudlwengulwa komunye wabafundi ofuna kule nyuvesi.ISITHOMBE : lethiwe makhanya

Imibhalo elengiswe eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngemuva kokudlwengulwa komunye wabafundi ofuna kule nyuvesi.ISITHOMBE : lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yabafundi i-EFF Student Command eNyuvesi yaKwaZulu-Natal esigcemeni esiseMgungundlovu ithi ifuna amiswe esikoleni umfundi wowesilisa osolwa ngokudlwengula umfundi wesifazane ofunda kuyona le nyuvesi.

Lokhu kuvezwe uNobhala jikelele wale nhlangano uMnuz Kuti Khumalo esithangameni sabezindaba ebesikuyona le nyuvesi ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-11 kuNhlaba (May).

Lo mfundi wesifazane kusolakala ukuthi wadlwengulwa ngesikhathi besephathini ngaphandle kwamagceke asenyuvesi.

Kusolwa ukuthi wafakelwa isidakamizwa esiphuzweni sakhe ngaphambi kokuba adlwengulwe. Lesi sigameko senzeka ngenyanga ka-Ndasa (March) kodwa lolu daba luze lwavela manje emva kokuba kubhalwe ngalo enkundleni yezokuxhumana i-Twitter.

UMnuz Khumalo uthe abenelisekile ngendlela abaphathi bale nyuvesi abalusingethe ngayo lolu daba.

Uthe indlela abenza ngayo kukhombisa ukuthi abanandaba nesithunzi somuntu omnyama.

“Isigungu esimele abafundi (SRC) sisatshisiwe ngokuthi sizomiswa enyuvesi uma kungukuthi siyaqhubeka nokubelesela lolu daba .

“Nathi asazi ukuthi kuzokwenzekani kuthina. Sifuna lo muntu owenze lokhu abhekane nengalo yomthetho.

“Sekuphele izinyanga ezimbili lolu daba labikwa kodwa luze lasukunyelwa manje ngoba sekuvele ezinkundleni zokuxhumana.

“Umfundi osolwa ngalesi sigameko uvele wathuthwa inyuvesi wayofunda esigcemeni sase-Westville eThekwini. Bafuna ukuthi ahambe ayoqhubeka ayodlwengula abanye abantu khona futhi.

“Sifuna ukwazi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi bamususe bamuyise kude ekubeni kusaqhubeka uphenyo? Lo muntu kumele engabe umisiwe kuze kube uphenyo luyaphothulwa,” kubeka yena.

Uqhube wathi indaba yokudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ayinakiwe.

Uphinde waveza ukuthi ngesonto eledlule kuphinde kwadlwengulwa omunye wesilisa endaweni ehlala abafundi kule nyuvesi i-Wob.

“Uhambile wayobika icala emaphoyiseni kodwa ngenxa yokusaba ukuhlambalazeka ugcine eselesula icala ngoba amacala afana nalawa abuye athathwe njengenhlekisa. Sifuna labantu abenza lokhu babhekane nengalo yomthetho ukuze abafundi bezophepha.”

NgoLwesithathu olwedlule mhla ziyi-9 kuNhlaba (May) abafundi bavuke umbhejazane bateleka befuna ukuba kuxoshwe lo mfundi obebonakala ecanasa emagcekeni ale nyuvesi.

Inyuvesi ikuphikile ukuthi lo mfundi usesusiwe esigcemeni esiseMgungundlovu wayiswa e-Westville.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.