Bafuna kuxoshwe ibamba lemenenja kumasipala

2019-06-26 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi kunombhikisho ngaphandle kwase-City Hall ngoLwesithathu olwedlule.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi kunombhikisho ngaphandle kwase-City Hall ngoLwesithathu olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGA eqembu i-African National Congress aphuma ezindaweni ezahlukene ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi amashele e-City Hall ngoLwesithathu olwedlule mhla zili-12 kuNhlangulana (June) nalapho kade ekhala khona ngokuthi afuna ukuthi kuxoshwe ibamba lemenenja kamasipala uNkk Neli Ngcobo.

La malunga akade efake izimpahla ze-ANC asola ibamba lemenenja yakulo masipala ngokungakwazi ukulawula kanye nokuqinisekisa ukuthi umphakathi uyazithola izidingo zawo.

Lo mphakathi ochithe usuku lonke ngaphandle kwase-City Hall uthi ulinde iMeya kamasipala uMnu Themba Njilo ukuba azokwamukela uhlu lwezikhalazo zabo nogcine ngokuthi afike ngehora lesithupha ntambama njengoba kade betshelwe ukuthi usasematasa nemihlangano.

PHAKATHI KOHLU LWEZIKHALO ZABO BAFUNA:

• Kuxoshwe ibamba lemenenja yakulo masipala kanye noSomlomo wayo uNkk Jabu Ngubo.

•Ukwazi ukuthi kwenzakalani ngodaba lwamanzi kulo masipala.

• Kuphenywe ngezimoto ekuthiwa zaqashwa yimenenja yakulo masipala ziqashelwa uThulani “TwoWays” Xulu nekuthiwa kwasetshenziswa imali kamasipala.

• Kuqashwe onogada abahlolwa ezinkundleni zemidlalo i-Harry Gwala ukuba baqashwe ngokushesha.

UNks Nonjabulo Vidima nokunguyena okade ehola le mashi uthe into eyenze ukuthi bamashe yingoba sebebonile ukuthi umasipala uhlulekile ukusebenzela umphakathi uwulethele nezidingo zawo.

“Imiphakathi yethu ayinamanzi ayinagesi kodwa kuthiwa sinomasipala.

Umasipala uze ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli nje kungenxa yakhe uNks Ngcobo ohlulekile ukuwulawula nokwenza isiqiniseko sokuthi izidingo zomphakathi ziyafinyelela kuwona.

“Asisamfuni sifuna ahambe ngoba vele uhlulekile ukwenza umsebenzi. Abantu abaningi bahambile la yena usaleleni ngoba vele naye akakwazi ukwenza umsebenzi?” kubeka yena.

Uthe umasipala bawunikeza izinsuku eziyisikhombisa kuphela ukuba uphendule uhlu lwezikhalo zabo.

Uthe uma ngabe kungukuthi abazitholi izimpendulo kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa bazobuya futhi bamashele kulo masipala kuze kube izikhalazo zabo ziyanakwa.

Uhlu lwezikhalazo lwamukelwe nguNjilo nothembise ukuthi uzohlala phansi nalowo ophonse ihlo kulo masipala bese banikezela ngezimpendulo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.