Bafuna ubulungiswa abatalajwa bengenze lutho

2019-06-05 06:01

ABESILISA ababili bathi bafuna kwenziwe ubulungiswa ngecala labo kulandela ukutalajwa kwabo kanzima ngoba besolwa ngokuthi bazontshontsha umhlaba endaweni yas-Thornville.

UMnu Msawenkosi Kunene (63) waseMbali Unit 3 kanye noMu Nicky Gcabashe (55) wase-Thornville bathi bashaywa kanzima abantu ababezibisa ngonogada bakamasipala uMsunduzi ngenyanga kaZibandlela ngonyaka owedlule.

Bekhuluma ne-Echo laba besilisa bathi lesi sigameko senzeka endaweni yase-Thornville.

UMnu Kunene uthe babeme kujantshi wesitimela begade izinkomo zikaMnu Gcabashe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Uthe kwavele kwaqhamuka inqwaba yezimoto zakamasipala ezibhalwe ukuthi “Anti-Land invation”.

“Kwafika izimoto ezilinganiselwa kwezingama-20. Ngesikhathi befika bafike basibuza ukuthi sifunani sesifuna ukuzontshontsha umhlaba.

“Basitshela ukuthi sisendaweni engafanele, sazama ukubachazela ukuthi thina sizigadele izinkomo awukho umhlaba esizowuntshontsha,” kubeka yena.

Uthe ngemuva kwaloko kwabe sekuba khona othi abashaywe.

“Bonke laba abanye babe sebesigibela ngesibhaxu basishaya kanzima besihlanganyela.

“Savula icala esiteshini samaphoyisa eThornville kodwa kuze kube manje akukho lutho osekuke kwenzeka noma esitshelwa kona.”

Baqhube bathi ngemuva kokubona ukuthi akukho okwenzekayo ngaleli cala, babe sebeya ehhovisini elikhulu lamaphoyisa eMgungundlovu ukuyothola incazelo ukuthi kungani icala labo lingasukunyelwa, kodwa abazange bazithole izimpendulo.

Bathe lokhu kwaze kwabaphoqa ukuba badlulele ehhovisini elikhulu esifundazweni saKwaZulu-Natal kodwa bafika batshelwa ukuthi kumele babuyele ehhovisini eliseMgundlovu bayofuna ihhovisi labaseshi ukuze bezothola ukusizakala ngecala labo.

“Sashaywa kanzima salimala kwaze kwasiphoqa ukuthi sihambe siye kodokotela. Sifuna ukwazi ukuthi kwenzekani.

“Sifuna kwenziwe ubulungiswa kubanjwe kuboshwe abenzi bo- bubi ngoba nento esasishayelwa sona asiyazi,” kubeka uMnu Gcabashe.

UMnu Kunene uthe umphenyi waleli cala akakaze akhulume naye seloku kwenzeka lesi sigameko, uze wakhuluma naye ngoMsombuluko kuleli sonto kodwa nakhona wangacacisa ukuthi icala labo lihamba kanjani.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu, uSeargant Mthokozisi Ngobese, uthe kwavulwa icala lokushaya amaphoyisa asaphenya.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.