Bafuna ukufaka kabusha ibheyilili kwelikaMaqatha

2019-02-06 06:00
ISITHOMBE: sigciniweAmalunga omphakathi ebhikisha ngaphandle kwenkantolo.

ISITHOMBE: sigciniweAmalunga omphakathi ebhikisha ngaphandle kwenkantolo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABASOLWA ecaleni lokubulala lowo owayeyisishoshovu esasilwa nenkohlakalao kumasila uMsunduzi uMnu Msawenkosi Qashana Mchunu bathi bafuna ukuqala phansi bafake isicelo sebheyili.

Lokhu kuvezwe abameli babo labasolwa abasha ababaqokile ngoLwesithathu olwedlule mhla zingama-23 kuMasingana (January).

Laba basolwa abayisithupha okubalwa kubonwa neKhansela laka-ward 10 uMnu Nkosinathi Gambu,Skhanyiso Zimu, Sfiso Mbelu, Mlungisi Zimu, Ayanda Ngubane kanye noGift Zungu bebevele enkantolo ngemuva kokwenqatshe lwa ibheyili yabo ngenyanga kaLwezi ngonyaka owedlule.

UMnu Mchunu wadutshulwa ngentulwane yezinhlamvu ngesikhathi engena ekhaya lakhe KwaPata ngenyanga kaNhlaba (May) ngonyaka owedlule.Abasolwa banqatshelwa ibheyili iManthsi neyathi uma ngabe bededelwa kungenzeka ukuba kusuke uthuthuva emphakathini njengoba kwase kuvelile enkantolo ukuthi kukhona uqhekeko.

Ngesonto eledlule abasolwa bafike enkantolo nabameli abasha kwase kwathi labo abadala ekade bebamele seloku laqala leli cala bahoxa.

Abameli abasha beveze ukuthi kunemininingwane emisha abazoyiveza enkantolo nokuyiyona eyenza ukuba bafune ukufaka isicelo sebheyili kabusha.

IMantshi u-Adv uthe ungathanda ukuba abone leyomininingwane emisha ngaphambi kokuba icala lifakwe ngaphakathi enkantolo ukuze ezoyicubungula ukuthi kungabe inesisindo esanele yini ukuba ingasetshenziswa ekutheni kufakwe ngayo isicelo sebheyili kabusha.

Lowo omele umbuso uNks Renee Padayachee uveze ukuthi akayazi imininingwane emisha leyo abameli abakhuluma ngayo kanti futhi ubengakayiboni . Uveze ukuthi sebelinde ubufakazi bomakhalekhukwini nathe sebetshelwe ukuthi sebulungile sekumele beze bazobulanda ezinkampanini zomakhalekhukhwini kanjalo nokuthi kuphothulwe uphenyo bese kuphuma nomyalelo ophuma kumqondisi .

Icala libe selihlehliselwa umhla ziyi-7 kuNhlolanja (February).

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.