Bafuna ukuthuthukisa i-netball eMbali

2018-05-16 06:02
Abadlalela iqembu le-netball ngaphansi kwe-Oteniqua.ISITHOMBE : sithunyelwe

Abadlalela iqembu le-netball ngaphansi kwe-Oteniqua.ISITHOMBE : sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUQALA ikilabhu efundisa intsha ibhola lezandla (netball) ngenye yezindlela uMnuz Thobani Ndlovu acabanga ukuthi izogcina intsha imatasatasa ingagcini seyenza izinto ezingalungile.

UMnuz Ndlovu uthe uqale lekilabhu ebizwa ngokuthi yi-Oteniqua ngonyaka ka-2016 ngenhloso yokuvuselela uthando lomdlalo webhola lezandla endaweni yaseMbali.

Selokhu eyivulile lekilabhu uMnuz Ndlovu usenezigaba ezintathu nokungu U-17, U-19 kanye nesigaba sabantu abadala.

Wonke lamantombazane angaphansi kwalekilabhu azilolonga esikoleni samabanga aphakeme iZamaZulu zonke izinsuku ntambama.

“Into eyangigqugquzela kakhulu ukuthi ngifuna ukuqala lento engiyenzayo kungemuva kokuba khona intombazane yaseMbali Unit 2 eyazibulala ngoba inezinkinga.

“Ngabe sengiya esontweni nalapho umfundisi afike wakhuluma ngalolu daba wabe esebuza ukuthi njengoba sihleli sikhuluma ngokuthi intsha ibhekene nezinkinga yini thina esiyenzayo njengomphakathi ukulekelela nokwenza isiqiniseko sokuthi intsha ihleli imatasatasa ukuze bangacabangi izinto ezingalungile. Ahlala kumina ngaphakathi lamazwi amfundisi.

“Ngesikhathi ngiqala ngiqoqa amantombazane kuzona zonke izindawo ezakhelene neMbali Unit 2.

“Ngaqala nginabantu abayi-12 kuphela nabo bancipha babayi-10 kodwa lokho akuzange kungithene amandla okuthi ngiqhubeke. Ngaqhubeka ngabekezela yize kunzima njengoba ngiwumuntu ongasebenzi.

“Ngabanikeza izinto zami zokudlala ibhola bazishintsha bazenza umfaniswano wabo kwazise ngangiwumuntu owayedlala ibhola,” kubeka yena.

Uqhube wathi ufuna ukuqhubeka ashumayele iVangeli lokuthi abantu abeze bazojoyina ukuze bezodlala nabo.

Uthe : “Ngiyagqugquzela nasezikoleni ukuthi bangalulaxazi lolu hlobo lo mdlalo ngoba zikhona izingane ezinethalente lawo futhi ezinekusasa kuwona. Akungabhekwa ukuthi zihlalaphi noma zifundaphi kodwa okubalulekile ithalente lazo.

“Nginezingane engaqala nazo lekilabhu esezidlala ezingeni lezwe, elesifundazwe kanti abanye badlalela isiFunda saseMgungundlovu. Lokhu kuyakhombisa ukuthi likhona ithalente nokuthi kukhulu esingakwenza uma nje singabambisana sonke singumphakathi silekelele intsha yakithi,” kubeka yena.

UMnuz Ndlovu uphinde wagqugquzela abazali ukuba beseke izingane zabo uma zizinikela kwezemidlalo ngoba ngenye yezindlela izingane ezizogqugquzeleka ngayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.