Bafuna ukuvula isikhungo sentsha KwaMachibisa

2018-06-06 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweAmalunga enhlangano i-Golden Gate Youth Foundation kanye nentsha esebenzisana nalenhlangano.

ISITHOMBE: sithunyelweAmalunga enhlangano i-Golden Gate Youth Foundation kanye nentsha esebenzisana nalenhlangano.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yentsha engenzi nzuzo i-Golden Gate Youth Foundation yasendweni yaKwaMachibisa ithi ifisa ukuvula isikhungo sokusiza intsha ngamakhono nokuzithuthukisa kule ndawo.

Lokhu kuvezwe elinye ilungu lale nhlangano uMnuz Manqoba Shange.

UMnuz Shange uthe le nhlangano bayisungula ngo-2006 ngenhloso yokulekelela intsha ngezinkinga ezibhekene nayo.

Uthe: “Besifuna kube ithina esihamba phambili ezinhlelweni zokusiza intsha ngoba siyakholelwa ukuthi sinolwazi olukhulu ngezinkinga zentsha njengoba singabantu abasha.

“Into esiyitholile ukuthi intsha eningi ihleli emakhaya ayenzi lutho ayisebenzi futhi abanye abafundi nosekuholele ekutheni bagcine sebenza izinto ezingalungile njengokuphuza utshwa la nokusebenzisa izidakamizwa. Intsha esikhulume nayo ikuvezile ukuthi ihleli emakhaya ngoba akukho engakwenza.

“Sonke siyazi ukuthi akusibona bonke abazali abanemali yokuthumela izingane zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme ngakho bagcina sebehleli emakhaya.

“Sithe uma sihlala phansi siyicubungula lento sabona ukuthi kungasiza kakhulu ukuthi sibe nesikhungo sentsha ngoba intsha eningi izosikala kakhulu ngoba izothola amakhono ehlukene kanye nokuzithuthukisa,” kubeka yena.

Uqhube wathi bengajabula uma kungaba khona abantu abangabambisana nabo ukuze lesi sifiso sabo sizofezeka kusizakale nentsha.

“Sesiluhambisile uhlelo [plan] lwaso lesi sikhungo kusele ukuthi siyophasiswa. Uma s ingathola abantu abangasilekelela baphonse esivivaneni nabo ukuze kuzosizakala intsha yakulendawo.

“Uma singabambisana lide kakhulu ibanga esingalihamba futhi baningi kakhulu abantu abangasizakala kubalwa nabo abantu abahlala endaweni yaKwaMachibisa,” kuphetha uMnuz Shange.

Uma kukhona ongathanda ukusiza nganoma iyiphi indlela noma ongathanda ukulekelela le qembu lentsha engaxhumana noMnuz Manqoba enombolweni ethi: 084 576 4896.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.