Bafuna umsebenzi wabo abaxoshwa kamasipala

2018-04-25 06:00

ABASEBENZI bakwaMasipala uMsunduzi abakhonjwa indlela ngonyaka wezi-2015 bathi bafuna umasipala ubabuyisele emsebenzini ngemuva kokuwina icala abebelifake lo masipala enkantolo yabasebenzi.

Laba basebenzi abangama-37 bebe ngonobhala bamakhansela alo masipala kusukela ngo-2011.

Ngesikhathi bekhuluma nephephandaba i-Echo bathe ngesikhathi bexoshwa batshelwa ukuthi sesiphelile isikhathi samakhansela yingakho nabo sebephelelwa umsebenzi.

Abasebenzi abayi-14 kulaba bathatha umasipala bawufaka enkantolo yamacala abasebenzi eThekwini.

Leli cala liphothulwe ekuqaleni kwalonyaka nalapho inkantolo ilahle umasipala ngecala yase iwuphoqa ukuba ubuyisele laba basebenzi emsebenzini kusuka ngomhla ka-1 kuNhlolanja (February) kuwo lonyaka, kodwa laba basebenzi bathi kuze kube yimanje basahleli emakhaya.

“Sahamba saya kamasipala kwathiwa asilethe ama-cv sagcwalisiswa nemininingwane yethu yasebhange njengoba sasizoqala ukuhola ngawo uNhlolanja. Sathi uma sifika sizoqala ukusebenza safika satshelwa ukuthi umuntu wakwa-Human Resource akekho ngakho ngeke size sikwazi ukuqala ukusebenza sizofonelwa. Kuze kube yimanje asikaze sifonelwe sisahleli emakhaya futhi sekuphele izinyanga ezimbili singaholile. Sifuna ukwazi ukuthi umasipala uzosibuyisela nini ngempela emsebenzini,” kubeka yena.

Uqhube wathi bayazi ukuthi kungenzeka izikhundla zabo sezithathwe abanye abantu kodwa abakufunayo ukuthi umasipala ubafake kwezinye izindawo lapho kwenziwa khona umsebenzi ocishe ufane nalo bebewenza ekuqaleni.

“Sichithe izimali zethu eziningi silwa leli cala sigibela njalo siya eThekwini ngoba sifuna ukusizakala. Sifuna ukwazi ukuthi kwenzakalani sibuyiselwa nini noma umasipala uphikisana nemiyalelo yenkantolo? Uma kunjalo kumele basitshele ukuze sizohamba siyosho ukuthi uyaphikisana nemiyalelo yenkantolo.”

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha akaphendulanga imibuzo athunyelwe yona ngesikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.