Bafundiswe kabanzi ngedlozi

2020-03-04 06:04

UBE impumelelo umcimbi wokufundisana ngedlozi obusendaweni yaseMbali Unit 15 ngoMgqibelo mhla zingama-22 kuNhlolanja (February).

Lo mcimbi obuwethiwe ngokuthi iNazoke Picnic ubuhlelwe inkampani iPimpdlozi Khambule.

Inhloso yalo mcimbi bekuwukufundisa abantu abehlukene abafisa ukuqonda nokufunda kabanzi ngendlozi.

Ngokusho kukaThando Khambule, nowaziwa ngo-‘PimpDlozi isangoma sodumo,’ uthe lomcimbi uhambe kahle kakhulu.

“Abantu bathole ithuba lokuthi bafunde ngedlozi ukuthi uyakwazi ukuziphilela impilo yakho noma unedlozi. Inhloso yethu ke ngalomcimbi ukuthi siwubone ukhula uze uvele kumabonakude ngoba sifisa ukufinyelela kubona bonke abantu,” kubeka yena.

UKhambule uthe uhlela ukuphinde enze omunye umcimbi ofana nalona ngenyanga ka-June nathe uzobe uvuleleke kuwona wonke umuntu ongathanda ukuba ingxanye.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.