Bafundiswe ngezemvelo eNzuzwenhle

2019-05-29 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweAbafundi basesikoleni iNzuzwenhle ngesikhathi kuzoqwashiswa ngezemvelo.

ISITHOMBE: sithunyelweAbafundi basesikoleni iNzuzwenhle ngesikhathi kuzoqwashiswa ngezemvelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO engenzi nzuzo i-Eyentuthuko Foundation ivakashele isikole samabanga aphansi iNzuzwenhle Primary e-Azalea ngoLwesibili mhla zingama-21 kuNhlaba (May) nalapho befike baqwashisa khona ngokubaluleka kwemvelo

kanye nokuyigcina inempilo njalo. Le nhlangano yenze lokhu njengengxenye yokugubha usuku lukazwelonke.

UNks Thembisile Khuzwayo we-Eyentuthuko Foundation uthe inhloso yalolu hlelo ukuthi bazoqwashisa ngezemvelo kule ndawo.

“Njengomhlali wala kule ndawo siyazazi izinkinga esibhekena ngazo zezemvelo kanye nokungcola okugcina sekusilimaza thina njengomphakathi. Sibone kukuhle ukuthi uma ngabe singahlanganisa iminyango eyahlukene ukuba ize izochazela abafundi ngezemvelo kungasiza kakhulu ngoba isikhathi esiningi abantwana abayaye balahle udoti noma ikuphi noma ikanjani.

“Nginethemba lokuthi uma ngabe sebefundisekile kuzoba khona

umehluko kanye nasemphakathini,” kubeka yena.

Uqhube wathi njengoba beqale kulesi sikole akusikona ukuthi sebegcinile kodwa nangonyaka ozayo basazoqhubeka bahambele ezinye izikole ezahlukene ukuqwashisa ngokubaluleka kokugcina imvelo ihlanzekile ngaso sonke isikhathi.

“UMnyango wezeMvelo unezinto ezahlukene ezenzekayo unyaka wonke ngako nathi sizoloku sikhona siyingxenye sihambela ozikole ezahlukene.”

UNks Khuzwayo uthe isifiso sabo esikhulu njengenhlangano ukuthi bathuthukise abafundi ngolwazi.

Omunye wabafundi u-Ayanda Mafundla owenza ibanga lika-Grade 7 uthe ujabulile kakhulu ngalolu ngoba ukwazile ukuthi afunde ngokunakekelwa kwemvelo.

UNks Senzi Vilakazi nonguthisha kulesi sikole uveze ukuthi ngenxa yothando lwemvelo kanye

nokutshala, lesi sikole sesize sazivusela ingadi lapho sitshala khona izithelo nokuthi uma ngabe sezivuthiwe bese bayazidayisa.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.