Bafundiswe ngokubaluleka kwamasiko

2019-10-16 06:02

UMPHAKATHI wasendaweni yaseMkhambathini ngaphansi kweNkosi uNdabezitha Skhosiphi Mdluli ukhuthazwe ngokubaluleka kokugcina amasiko abo kanye nokuzivocavoca.

Lokhu kwenzeke emcimbini owaziwa ngokuthi i-Mkhambathini Sports and Cultural Day nobubanjelwe kulendawo ngeSonto mhla ziyi-6 kuMfumfu (October) ezinkundleni zemidlalo eGqamuza khona eMkhambathini.

Lo mcimbi nobesekungokwesibili wenzeka kulonyaka kuhloswe ngawo ukuhlanganisa imiphakathi ephuma ezindaweni eziningi bese bakhuthazwe ngokubaluleka kwamasiko.

UMnu Zazi Dlamini oyilungu lomkhandlu ophinde abe ngusihlalo wekomidi elihlela imicimbi kulendawo uthe : “Inhloso yawo enkulu ukuthi kufundiswane kuphinde kube khona nezinkulumo ezakhayo. Into esiyibonile ukuthi esikhathini esiningi manje uma ngabe kufundiswa intsha ngendlela yokuziphatha kubhekwa kakhulu amantombazane kukhohlwe abafana.

“Sifuna ukufundisa nabafana ngendlela ekumele ngabe baziphatha ngayo ngoba nabo banomthelela endleleni intombazane eziphatha ngayo,” kubeka yena.

Uthe okunye bebefuna ukukhuthaza abantu ukuthi bajwayele ukuzivocavoca njalo ukuze bezohlala bephilile njalo.

Uthe lona sekuzoba umcimbi wabo waminyaka yonke.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.