Bahleli lubhojozi ubugebengu eMaswazini

2015-12-02 06:00

IZINGA lobugebengu endaweni yaseMaswazini selenze umpha kathi wakule ndawo uhlalele ovalweni. Lokhu kulandela isehlakalo sokubulawa ngesihluku uMnu Sondoda Kunene (68) otholwe umfowabo uMnu Velaphi Mwelase eseshonile endlini yakhe.

UKunene utholakale endlini yakhe ekhungwe ngentambo, eboshwe izandla nezinyawo. Yize kungakaziwa ukuthi ngabe uKunene ubulawe ngubani kodwa ngokomndeni kucaca ngokusobala ukuthi ubantu abambulele walwa nabo njengoba etholakale enezibazi emzimbeni. I-Echo lithole ukuthi omunye osolwayo ubanjwe umphakathi wamutitinya kwaze kwalamula amaphoyisa.

Ngokuchaza kukaMwelase eze ethola umfowabo esethule nje kungenxa yocingo alushayelwe indodana kaKunene ebibuza ukuthi ngabe wamgcina nini uyise.

UKunene noMwelase bahlala khona endaweni yeseMaswazini kanti abaqhelelene kakhulu.

Echaza uMwelase uthe kube ukuthola ucingo lwendodana kaKunene wanikela khona emzini wakhe ukuyobheka ukuthi ngabe ukhona yini ngoba ubevele ewumuntu ohlala yedwa. Uqhube wathi loku kwenzeke ngoLwesibili olwedlule.

“Kuthe emva kokuthola ucingo nganikela kamfowethu ukuyombheka. Mina ngingumuntu osebenzayo ngakho-ke kwesinye isikhathi bengiye ngingamboni. Ngiphikelele khona ngafike ngangqongqoza emnyango. Kodwa okufike kwaxaka ngisengaphandle ukuthi ikamelo lakhe belikhanya okukhombisa ukuthi umuntu okhona. Ngivule endlini ngangena nokuthe ngisangena ngakhangwa izimpahla ebezisaphazekile. Angizange ngimbone yena umfowethu ngaleso sikhathi. Kodwa kuthe uma ngiphosa amehlo phansi ngabona umzimba wakhe ulele ubheke phansi. Kusenjalo ngivele ngabiza umakhelwane ngamtshela ukuba aphuthume azongibonisa. Nangempela umakhelwane uzile naye wafike wabona ukuthi umfowethu useshonile,” kusho uMwelase.

Uthe ngenxa yokuthi basola ukuthi besekunezinsukwana uKunene eshonile, endlini bese kuvimbanise iphunga elibi.

“Sishayele amaphoyisa nawo afike ngokuphazima kweso. Kulapho sikwaze ukubona ukuthi unesibazi esikhulu emzimbeni, sabona nokuthi kuyacaca ukuthi ubelwa nazo izinswelaboya.

“Sisakhathazekile siwumndeni kanti futhi zisabuhlungu izinhliziyo ngendlela nangesihluku umfowethu abulawe ngayo,” kuqhuba uMwelase.

Omunye wezakhamizi zakuyo le ndawo ozobize ngoThembi Mhlongo uthe ubugebengu kule ndawo budlangile kakhulu.

Uthe abantu babanjwa inkunzi emini kwabha kanti lokhu sekuyinto nje ejwayelekile.

“Asisaphephile ngendlela yokuthi uyathuka uma uhlangana nomuntu. Kufanele ubhekisise ukuthi ngabe ushona ngakuphi,” kusho uMhlongo.

Ikhansela likawadi 8 uBhekumuzi Ngcobo uthe uyazi ngesehlakalo kanti futhi ukhuthaza umphakathi ukuthi usebenzisane ukuze kuphele ubugebengu endaweni.

“Lesi sehlakalo senzeke ngesikhathi esibi lapho bese sithi siyaqala ukuhlela amakomidi azosiza ekutheni kuliwe nobugebengu endaweni.

Asizukuma ke kodwa sisazoqhubeka ukuzama ukulwa nalokhu,” kusho uNgcobo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.