Bahlomule ngokudla abantulayo

2018-11-07 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi iMeya yoMsunduzi ihambise ukudla kumalunga omndeni akaMbambo KwaPata ngoLwesihlanu olwedlule.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi iMeya yoMsunduzi ihambise ukudla kumalunga omndeni akaMbambo KwaPata ngoLwesihlanu olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BEKUYINJABULO yodwa kumalunga emndeni yemizi entulayo KwaPata njengoba iMeya yomasipala uMsunduzi uMnuz Themba Njilo kade ibavakashele yaphinde yabashiyela nokudla kwenyanga.

Le mindeni itonyulwe ikhansela lakulendawo uMnuz Bhekabantu Zuma. Kuhlomule imndeni eyisihlanu kulolu hlelo.

UNks Amanda Mbambo (28) nongomunye wamalunga omndeni ahlomulile uthe bajabule kakhulu ngaloku okwenzekile kanti futhi banethemba lokuthi basazothola olunye usizo.

“Ngesikhathi ikhansela lisitshela ukuthi lizofika lihambisana neMeya yomasipala uMsunduzi asizange sikholwe kwaze waba ngukuthi bayafika ngempela. Sijabule kakhulu kanti futhi nokudla loku esikutholile kuzoba usizo olukhulu njengoba kungekho muntu osebenzayo.

“Isimo asikho lula kangangokuba silala singazi nokuthi ngakusasa sizodlani okanye ngalelo langa kodwa sibona sekwenzeka sesilala kuse futhi nangakusasa sibhekane nenkinga efanayo,” kubeka yena.

uNks Mbambo uthe kumanje babhekene nenkinga yendlu abahlala kuyona njengoba kunomuntu ofuna ukubaxosha kuyona ngoba ethi eyakhe.

Uthe ukuhlala kwabo kulendlu yodaka enamagumbi amane kuza ngem uva kokuba umama wabo ayithenga base behlala kuyona bonke.

“Thina ngokwazi kwethu sazi ukuthi umama wayikhokhela wayiqeda indlu. Kumanje sihlalele ovalweni ngoba asazi ukuthi kungenzekani njengoba nomama akasekho emhlabeni. Sesithembele kulona ikhansela lenu ngoba ilona eliloku lixhumana nathi lisethembisa ukuthi lizosisiza njengoba engasekho umuntu omdala sesisele sodwa siyizingane.”

Uthe njengoba yena engumuntu omdala kungumthwalo wakhe ukuba anakekele izingane zakubo yize engasebenzi naye esayingane futhi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.