Bahlomule ngomfaniswano abafundi abase-Willowfontein

2018-02-28 06:02
IsITHOMBE : lethiwe makhanyaAbafundi baseSilwanetshe Primary abahlomule ngomfaniswano, othisha namalungu omphakathi.

IsITHOMBE : lethiwe makhanyaAbafundi baseSilwanetshe Primary abahlomule ngomfaniswano, othisha namalungu omphakathi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAFUNDI abangama-45 abafunda ezikoleni ezahlukene e-Willowfontein bahlomule ngemifaniswano yesikole ngoLwesine, mhla ka-15 kuNhlolanja (February).

Laba bafundi bebe phuma ezikoleni ezintathu zakule ndawo okuyi-Willowfontein Secondary, eNzuzwenhle Primary naseSilwanetshe Primary School.

Isikole ngasinye kutonyulwe abafundi abayi-15.

Lemi faniswano inikelelwe uMnuz Vusumuzi Sibiya weSibiya Funeral Services ngokusizana nesigungu se-Young Communist League (YCL) saku lendawo.

UMnuz Wandile Sibiya oyilungu lesigungu i-YCL uthe njenge sigungu babone isimo singesihle kwabanye babafundi bakulezi zikole nokwabenza ukuthi basukume bafune ukusiza.

“Ezinye izingane bezigqoka amateku esikoleni ngoba zingenazo izicathulo zesikole. Nalawo mateku abefika esemanzi uma linethile noma uma kunamazolo ngoba bahamba amabanga amade.

“Sibe sesibhukula sathinta osomabhizini abahlukene base ndaweni yaseMgungundlovu okubalwa kubona naye uMnuz Sibiya. Sahamba saya kuyena wasitshela ukuthi asiphinde sibuye nokuyilapho asitshela khona ukuthi uzosisiza,” kubeka uMnuz Sibiya.

UMnuz Sibiya ubonge wanconcoza kulo somabhizini wabe esephonsela inselelo nakwabanye osomabhizinisi ukuba balekelele emphakathini entulayo uma bengakwazi.

Laba bafundi bahlomule ngawo wonke umfaniswano okubalwa khona izicathulo, amasokisi namajezi.

UMnuz Sibiya weSibiya Funerals uthe uyakuthanda ukusiza abantu yingakho enqume ukusiza laba bantwana ngomfaniswano.

“Ngiyakholelwa ekutheni uma ngabe uNkulunkulu esekubusisile kufanele nawe usize abanye abantu lapho ukungakwazi khona.

“ Mina ngakhula kunzima njengoba nabazali bami badlula emhlabeni ngisemncane.

“Kuyangijabulisa ukubona abantu bejabulile ngenxa yami ikakhulukazi izingane ezincane. Sezizo khuthazeka nokuthi ziye esikoleni ngoba zinomfaniswano omusha,” kubeka uMnuz Sibiya.

Uqhube wathi lolu hlelo lokunikela ngomfaniswano luqale ngo-2016 kanti uzimisele ukunikela kuzona zonke izikole ezikomasipala abangaphansi kwesiFunda uMgungundlovu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.