Bahlonyuliswe ngolwazi kwezamabhizinisi

2020-04-01 06:03
ISITHOMBE: sithunyelweBahlomule ngolwazi nama-voucher abahwebi eMbali.

ISITHOMBE: sithunyelweBahlomule ngolwazi nama-voucher abahwebi eMbali.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABANIKAZI bamabhizinisi asafufusa basendaweni yaseMbali bahlomunyuliswe ngolwazi kwezamabhizinisi ohlelweni obelu ngoLwesithathu ngesonto eledlule.

Loluhlelo belwenziwe i-Wholesale and Retail Seta yasePitoli.

Inhloso yalo ukuhlomulisa abathengisi ikakhulukazi labo basezindaweni zasemalokishini.

Bali-170 abathengisi abahlomulile kulolu hlelo.

Ngokusho kukaMnu Sindiwe Malaku we-Wholesale and Reatail Seta uthe inhloso yabo ukufundisa abahwebi abafana nalaba ukuthi bawaphathe kanjani amabhizinisi abo ukuze ezoba nozinzo, akhule aphinde enze inzuzo.

“Lolu hlelo luyingxenye lwe-road show yethu kazwelonke yokuhamba sitshala ulwazi lwezamabhizinisi. Sinikeza abathengisi ulwazi olufanele ukuze bezoba osomabhizinisi abangcono.

“Into eyenze ukuthi senze loku ukuthi sinenkinga yabahwebi basemgwaqeni (informal traders) angenayo ezindaweni zasemalokishini abantu bethu bagcina sebethi amabhizinisi wabo awasaphumeleli phambili ngenxa yama informal traders. Ngalolu hlelo sifuna ukubafundisa ukuthi ibhizinisi lenziwa kanjani,” kubeka yena.

Labo somabhizinisi baphinde bahlomula nge-voucher yemali engu-R2000 umuntu ngamunye nokuthiwe abayisebenzise ukuthuthukisa amabhizinisi abo ukuze ezoba ngcono okudlula abantu bangaphandle.

UNks Nomvula Majola onebhizisi lokubhaka kanye nokupheka uthe loluhlelo luzobasiza kakhulu ekuzithuthukiseni kwabo njengabosomabhizinisi.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.