Bakhala ngamajoyinti eSobantu

2016-01-27 06:00
ISITHOMBE: nokulunga ngobese UNksz Busi Mbokazi ekhomba enye yezindawo esiphenduke isidleke sezidakamizwa eSobantu.

ISITHOMBE: nokulunga ngobese UNksz Busi Mbokazi ekhomba enye yezindawo esiphenduke isidleke sezidakamizwa eSobantu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UBUHOLI bomphakathi baseSobantu sebuthule ngokusemthethweni umkhankaso wokuqwashisa ngophuzo oludakayo nokusetshenziswa kwezidakamizwa kubafundi besikole.

Lo mkhankaso othulwe ngoLwesithathu olwedlule kuhloswe ngawo ukuqwashisha abafundi ngobungozi bokuzibandakanya nophuzo nezidakamizwa, okusolwa ngokuba nomthelela ekwehleni kwemiphumela kamatikuletsheni eSobantu Secondary ngonyaka odlule, njengoba­ namajoyinti ethe chithi saka kuleli lokishi.

Ekhuluma nephephandaba i-Echo, omele ihhovisi le khansela uNksz Busi Mbokazi uthe babone ukuthi baqale lo mkhankaso ekuqaleni konyaka, abahlose ngawo nokuthi basebenzisane nabanikazi bezindawo zokucima ukoma, ukuqinisekisa ukuthi abafundi abangaphansi kweminyaka egunyaziwe abangeni ezindaweni zokucima ukoma.

“Noma singasho ukuthi siphikela othisha, kodwa sinesiqiniseko ukuthi bekwenziwa konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abafundi bakamatikuletsheni bathola ukulekelelwa ngendlela efanele.

“Siyasola ukuthi nezindawo zokucima ukoma zibe nomthelela njengoba eziningi zazo bezinemicimbi eminingi yobumnandi sekusondele ukuthi kubhalwe izivivinyo. Uma singalungisa izimo eziyizithikamezi kubantwana bethu emiphakathini esiyakhele, nakanjani kungaba noshintsho ngisho nasesikoleni.

“Ziningi izinhlaka esizimisele ukusebenzisana nazo ukuqhuba lo mkhankaso okubalwa kuzona ngisho namaphoyisa imbala. Siyafisa amaphoyisa asilekelele ngokuthi agasele izikole kungazelele muntu ukubheka izidakamizwa. Kunezinkulumo mpikiswano esizoba nazo nabafundi lapho esizobe sikhuluma ngobungozi bokusebenzisa izidakamizwa”.

Kuthiwa kuleli lokishi uudayiswa nokusetshenziswa kwezidakamizwa kwenzeka esidlangalaleni.

“Kunendawo eyayisetshenziwa njengezitolo kudala engasasebenzi manje okuyiyona esijike yaba isidleke sezidakamizwa.”

UMbokazi uthe bazokhulumisana nabanikazi bamajoyinti endaweni, ukuze babuyekeze imithetho yabo ngendlela yokuthi kungaphazamiseki ukufunda nokuthi abafundi abangaphansi kweminyaka egunyaziwe ukuphuza utshwala bangavunyelwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.