Bakhala ngamanzi eTafuleni

2019-05-22 06:01
Elinye ilunga lomphakathi likha amanzi esiphethwini.ISITHOMBE: sithunyelwe

Elinye ilunga lomphakathi likha amanzi esiphethwini.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI waka-ward 5 endaweni yaseTafuleni eMkangala uthi usufana nezikhova ezilala emini bese zihlale ebusuku ngoba zigade ukuthi kungabe amanzi ayabuya yini empompini yabo ukuze bezokwazi ukuwakha bawabeke.

Amalunga alo mphakathi athi amanzi seloku ahamba ngenyanga eyedlule ngaphambi kokuba kushaye iphasika kanti kuze kube imanje abanawo amanzi.

Bekhuluma ne-Echo kuyona le ndawo amalunga omphakathi azwakalise ukukhathazeka kwawo esho nokuthi loku kugcina sekuphazamisa ngisho ukufunda ezikoleni ngoba izingane kuze kuphoqe ukuba zigoduswe singakashayi isikhathi sokugoduka ngenxa yokungabikhona kwamanzi.

Elinye ilunga lomphakathi uNks Nhlanhlo uthe sebephila ngokuthi bakhe amanzi emfuleni ophuza izinkomo uma kungukuthi awazange abuye ebusuku okanye abakwazanga ukuthi bavuke bawakhe.

“Siyahlala ebusuku siwagade ukuthi ayabuya yini bese siyakwazi ukuwakha. Masihlulwe iloko siwakha emfuleni okanye esiphethwini. Asikazi sibone ngisho iloli elithw ala amanzi lifika ikhakhulukazi endaweni yethu ngoba nomgwaqo awukho esimweni akuhambeki.

“Indlela ekwenzeka ngayo angathi kukhona umuntu ofike avule amanzi aphinde awacishe futhi angazi kanjani kodwa nje asazi athi ukuthi kwenzekalani,” kubeka yena.

Elinye ilunga lo mphakathi lithe seloku kwaqala le nkinga yokuhlupha kwamazi akekho osakhe weza kubona njengomphakathi wazobatshela ukuthi kwenzakalani.

“Nangelanga amanzi ahamba naglo akekho umuntu owafika kutina njengomphakathi wazosazisa ukuthi amanzi azohamba ngenxa yenkinga ethile asitshele nokuthi thina sizowathola kanjani amanzi ahlanzekile ngesikhathi besazama ukulungisa inkinga uma kungukuthi ikhona,” kusho elinye ilunga lomphakathi.

Akuyona le ndawo kuphela enenkinga yamanzi njengoba nasendaweni yaseKhokhwane kwezinye izingxenye zakhona abanawo amanzi.

Unks Bongeka Mhlongo uthe kule ndawo sebephila ngokuthi bakhe amanzi emfuleni lapho kuphuza khona izinkomo ngoba abazi ukuthi bazokwenzanjani.

“Siyawaphuza khona egcole enjalo ngoba asazi ukuthi sizokwenzenjani siyawadinga amanzi.

Imeya yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo nongumhlali ngaphansi kuka -ward 5 uthe uyayazi inkinga yamanzi njengoba naye engomunye wabantu abathintekile.

Uthe usezamile ukuhlangana nabezamanzi kumasipala uMsunduzi ukubheka nokuzama ukuthi bangayilunga kanjani inkinga yamanzi kulezi zindawo zombili.

“Ngibile nomhlangano nomphakathi waka-ward 7 e-Elandskop nengicabanga ukuthi bayayilungisa manje lenkinga.

Sivumelanile ukuthi kuwona wonke amathangi amanzi amakhulu aphakela umphakathi amanzi kumele abe u-40% ukuze engezuloku ehlupha njalo.

“Kwesinye isikhathi ubuke uthole ukuthi amanzi ango-8% emathangini nokuyikona obekunomthelela omkhulu ekutheni abantu bakwazi bonke ukuthola amanzi,” kusho uMnu Njilo.

Uthe seloku iqalile le nkinga kukhona amaloli athutha amanzi aphakela umphakathi ngamanzi kuze kube isimo samanzi siyalungiswa.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.