Bakhala ngamanzi KwaZayeka

2019-06-19 06:01

UMPHAKATHI wasendaweni yaseRingini KwaZayeka usungomunye osophumele obala wazwakalisa ukukhathazeka ngenkinga yamanzi ababhekene nayo.

Lo mphakathi uthi inkinga yokuhamba kwamanzi kule ndawo sekunesikhathi yenzeka. Bathi ngesikhathi iqala yenzeka bebenethemba lokuthi izolungiswa maduze kodwa manje kubonakala engathi akukho okwenzekayo kanti futhi akekho obatshelayo ukuthi kungabe kwenzakalani nokuthi yini eyenza ukuthi kuhambe amanzi kakhulu kangaka kule ndawo.

UNks Boniswa Ngcamu uthe kwesinye isikhathi amanzi ayabuya kodwa abuya phakathi nobusuku kanti futhi basuke bengazi nanokuthi azobuya. Uthe kungabe kungcono ukube umphakathi uyatshelwa uma ngabe amanzi ezoba khona ukuze nabo bezokwazi ukuthi bazihlinzeke bawathuthe bawabeke ngaphambi kokuba aphele.

“Sesiphila ngokuthi sivuke phakathi kwamabili sigade ukuthi kungabe ayabuya yini amanzi noma cha. Uma ngabe ungakwenzanga loko usala kanjalo ungenawo amanzi ngoba angeke uwathole ndawo ngoba akukho ngisho izindawo eziyimifula eziseduzane lapho ungakwazi ukuthi uwathole khona.

“Uma nje uwatholile ngaleso sikhathi kumele wenze isiqiniseko sokuthi uyawakha uyawagcwalisa ezigubhini zonke kanye nasemabhakedeni onakho ngoba usuke ungazi ukuthi azophinde abuye nini,” kubeka yena.

Amalunga akulo mphakathi athi kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi amanzi ahambe izinsuku ezintathu kuya kwezine engabuyi.

UMnu Thando Nxele uthe kubo sebephila ngokuthi bavuke ebusuku phakathi kwamabili. “Sivuka ebusuku sihlale empompini ngoba silinde amanzi. Wonke umuntu uyavuka ebusuku sekuyimpilo yethu nje kule ndawo akusasithusi ukuvuka ebusuku. Kuqala abengahambi isikhathi eside kakhulu kodwa manje asehamba izinsuku.

“Ukube kuya ngathi ngabe asivuki nje ebusuku kodwa manje ingoba siyawadinga amanzi. Uma ngabe eke abuya uvele uthi usazitshela ukuthi akhona kuvele kuthi lwampe kome ompompi,” kubeka uMnu Nxele.

Bathi ngesikhathi engekho amanzi ehambile akufiki ngisho iloli elithwala amanzi ukuzobalethela amanzi kodwa kumele bazibonele ukuthi benza njani.

“Ngesikhathi iqala le nkinga yamanzi satshelwa ukuthi amaphampu asemadala ingako amanzi abuye ahambe angabi khona. Sazitshela ukuthi ngoba naku phela bayayazi inlinga ukuthi yini bazoyilungisa kodwa loko akwenzekanga njengoba namanje sisabhekene nenkinga efanayo kuze kube imanje,” kusho elinye ilunga lomphakathi.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Mtshali uthe akusiyona le ndawo kuphela enenkinga yamanzi kodwa izindawo eziningi kumasipala uMsunduzi.

“Kule ndawo ayaba khona amanzi kodwa kwezinye izinsuku abuye ahambe uma ngabe umthamo wabantu abawasebenzisayo ngaleso sikhathi umuningi kakhulu. Indawo ebhekene nenkinga kakhulu eSweetwaters iseGqwabeni lapho bengenawo nhlobo khona amanzi. Bathola amanzi kumaloli athutha amanzi njengoba kusasetshenzwa indaba yokuthi baxhunyelwe amapayipi amanzi ukuze nabo bezokwazi ukuthi bathole amanzi,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.