Bakhala ngamaphoyisa omgwaqo

2018-04-04 06:04

ABASHAYELI bamatekisi baseMgungundlovu abahambela kuleli dolobha bathi bafuna amaphoyisa omgwaqo akwaMasipala uMsunduzi aqondise izigwegwe kubashayeli bezimoto ezincane ezipaka endaweni eyakhelwe ukuma amatekisi.

Laba bashayeli bathi amaphoyisa omgwaqo akukho akwenzayo ukuqinisekisa ukuthi izimoto ezincane azisebenzisi indawo yawo yokuma njengendawo yokupaka emgwaqeni uLangalibalele.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule labashayeli babe nesiteleka esamisa idolobha lonke bekhala ngamathikithi abawatholayo uma beme endaweni ekungamiwa kuyona.

Bahambisa izikhalo zabo kwiMeya yalo masipala uMnuz Themba Njilo nalapho babefuna ukwakhelwa izitobhi emgqwaqeni uLangalibalele nokwagcina ngokuthi bazithole.

Laba bashayeli bathi yize sebe nendawo yokuma, kubanzima ukuma kule zindawo njengoba izimoto ezincane zivele zipake khona.

Bathi okubaphatha kabi kakhulu ukuthi uma lokhu kwenzeka, amaphoyisa anikeza bona amathikithi okuthi bame emgwaqeni kodwa ayeka izimoto ezincane ezime endaweni eyakhelwe amatekisi.

UMnuz Bongani Mngadi oshayela itekisi elihambela e-Grange okhulume nephephandaba i-Echo uthe isikhathi esiningi kuyamuphoqa ukuthi agcine eseme emgwaqeni ngenxa yokuthi isuke ingekho indawo azoma kuyona.

“Uma kukhona amaphoyisa egadile bengifike ngime emgwaqeni ngidilize abantu bese iphoyisa lize kumina lithi angisuke okanye linginikeze ithikithi esikhundleni sokuthi lisuse izimoto lezi ezime endaweni yethu. Ekugcineni thina sigcina sesithola amathikithi ezimali ezinkulu esingazi nokuthi sizozikhokha kanjani.

“Lento ayigcini ngokuhlukumeza thina kuphela kodwa ihlukumeza namabanye abashayeli bezimoto ezincane abasebenzisa lo mgwaqo.

“Sigcina sesixabana nabashayeli bezimoto ezincane bethi sibanga isiphithiphithi ekubeni kuyibona futhi ababuye bame endaweni eyakhelwe ukuthi sime kuyona ukuze kungabi naso isiphithiphithi,” kusho yena.

Omunye umshayeli wetekisi ohambela eMbali kodwa ongathandanga ukudalulwe igama lakhe uthe lolu daba luya bahlukumeza kakhulu.

“Ukukhuluma iqiniso iyasidina lento eyenzekayo ngoba ekugcineni ithina esibukeka njengabantu ababi abangafuni ukulandela imithetho yomgwaqo. Ukucela kwethu izitobhi kuLangalibalele ingoba sasingafuni ukuphazamisa izimoto ezisebenzisa lomgwaqo ngokuthi sivele sime emgwaqeni. Lento ifuna ukulungiswa ngokukhulu ukushesha. Umuntu opaka imoto yakhe endaweni yokuma amatekisi kumele athole ithikithi elizomfundisa isifundo sokuthi angaphinde,” kusho yena. Okhulumela umasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha akaphendulanga imibuzo athunyelwe yona ngesikhathi sokushicilela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.