Bakhala ngendawo emtholampilo

2018-11-07 06:02

ABASEBENZI basemtholampilo waKwaPata banxuse iMeya yomasipala uMsunduzi uMnuz Themba Njilo ukuthi abalekelele ezinkingeni ababhekene nazo kulo mtholampilo.

UMnuz Njilo ubehambele kulomthola mpilo goLwesihlanu olwedlule mhla zingama-27 kuMfumfu (October) nalapho kade eyoqguqgquzela khona abantu ukuba bahlolele isifo somdlavuza kusanesikhathi.

Ezinye zezinkinga ebezihamba equlwini udaba lokungabi khona kwendawo eyanele yokusebenzela ekubeni bebebaningi kakhulu abantu.

Lo mtholampilo wengamele amawadi amahlanu. Umphathi wawo u-Sister Mthembu uveze ukuthi abantu abagulayo abeze ukuzofuna usizo abanayo ngisho indawo yokulinda njengoba bebamba ulayini ophuma emnyango beshiswa ilanga baphinde banethwe nayizimvula belinde ukungena.

“Akukho ngisho indawo lapho sihlolela khona abantu kodwa isibalo sabantu esibabhekelele siyanda nsukuzonke.Njengoba sekufike loluhlelo olusha oluthi uma uthola ukuthi umuntu unesandulela ngculaza kumele uqale ukumelapha ngalolosuku kumele umqale ngalolosuku kunzima. Sinabantu abacishe babe u-6000 abadla amaphilisi. Akusebenzeki nje akwenzeki lutho.

“Indlela esisebenza ngayo igcine isiyingozi ukuthi abanye abantu bagcina sebetheleleka ngamagciwane ngoba yonke into iminyene ndawonye. Izingane kufana nokuthi zihleli nabantu abadala ngoba bahlukaniswe umhubhe omncane nje kuphela.

Loku kuyingozi ngoba izingane ezincane ziyashesha ukwamukelwa izifo. Ngisho kungathiwa le ndawo esisebenzela kuyona manje iyasala ke ibe indawo yokuhlolela iziguli bese kwakhiwa amahhovisi kanye nendawo yokugcina imithi ngenhla kwale ndawo akunankinga,” kubeka yena.

Ikhansela lakulendawo uMnuz Bhekabantu Zuma uthe z ikhona izinhlelo abake bazenza nemenenja yesifunda saseMgungundlovu kwezempilo eminyakeni emithathu eyedlule sokuthi kunabantu abakhe eduze kwalo mtholampilo ababefisa ukuthi basuke kodwa kwaba khona ukungahlangani kwemibono phakathi koMnyango wezeMpilo kanye noMyango wezeZindlu.

“Kukhona lapho esake satshelwa khona ukuthi kukhona imali yokuthi kwakhiwe umtholampilo kodwa kwaba khona inkinga yokuthi indawo ayikho,” kubeka yena.

IMeya ithembise ukuthi izozama ukuxhumana nongqongqoshe wezeMpilo uDkt Sbongiseni Dhlomo.

“Ngizohamba ngiyomtshela ngimbikele ngesimo nami engisibonile. Abantu uma beze emtholampilo kumele bazi ukuthi bazothola usizo ngendlela eyiyona. Abantu bafanele ukuthi bathole izidingo zabo ezisezingeni eliphezulu futhi,” kubeka uMnuz Njilo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.