Bakhala ngenkinga yamanzi e-Willowfontein

2018-03-14 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweAmalungu omphakathi ematasa ekha amanzi emotweni eletha amanzi kulendawo.

ISITHOMBE: sithunyelweAmalungu omphakathi ematasa ekha amanzi emotweni eletha amanzi kulendawo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU omphakathi wase-Willowfontein endaweni yase-Bulwer athi awasazi ukuthi kumele enze njani noma akhulume nobani ukuze kuxazululeke inkinga yamanzi kule ndawo.

Amanzi aphela kule ndawo ngonyaka wezi-2016 kuze kube yimanje awakaze abuye.

Lo mphakathi usuphila ngemoto ezithwala amanzi nabathi zibuye zingafiki kuze kuphele isonto.

Ngonyaka wezi-2016 lo mphakathi wateleka wavala umgwaqo ngamathayi avuthayo ukhalela ukungabibikho kwamanzi kule ndawo.

Emva kwesiteleka amanzi abuya kwezinye izindawo ezise-Willowfontein kodwa kwenzinye ezifana nase-Bulwer naKwaPhupha awakabuyi kuze kube yimanje.

I-Echo ivakashele indawo yase-Bulwer ngoLwesihlanu yafica amalungu omphakathi ebeke amabhakede nemiphongolo emigwaqeni elindele imoto ethwala amanzi.

UNkk Thembi Buthelezi (60) ohlala e-Bulwer uthe sekuphele iminyaka emithathu engenawo amanzi emzini wakhe.

“Akuve nginenkinga njengoba sengimdala futhi ngiyagula. Uma izingane zingekho ngiphoqeleka ukuba ngikhongozele amanzi emotweni ethwala amanzi bese ngiwashiya emgwaqeni kwazise ngisindwa ngisho ibhakede elincane eliwu-5 litre.

“Asisakwazi ngisho ukuwasha into esile ngenxa yokuthi sifuna ukonga wona lamanzi angekho. Kwezinye izindawo abuya ngenyanga kaMasingana (January) kodwa kithina awazange abuye,” kubeka yena.

Uqhube wathi enye into eyi nkinga kakhulu ukuthi izimoto zamanzi zifika noma inini azinaso isikhathi ezifika ngaso.

“Uma kungukuthi awukho ngesikhathi imoto yamanzi ifika kusho ukuthi uzohlala ungenawo amanzi.

“Ungabona isiphithiphithi esibakhona uma sekuphele isonto imoto ingafikanga.

Umgwaqo wonke usuke ugcwele uyisinyokotho ngoba abantu basuke sebengenalutho ngempela.

“Singajabula uma nje singathola amanzi ukuze izimpilo zethu zizobuyela esimweni esejwayelekile.”

Elinye ilungu lomphakathi e-Bulwer elingathandanga kudalulwe igama lalo lithe amanzi into asebeyizwa ngendaba lapho behlala khona.

“Inzima impilo esiyiphilayo ngaphandle kwamanzi. Ngeke sikwazi ukuqhubeka siphile kanje kumele kube khona okwenziwayo ukuze sizothola amanzi nathi,” kubeka yena.

UNks Nobuhle Dlamini ohlala khona e-Willowfontein uthe : “Ngiyabazwela kakhulu laba bantu abangawathola amanzi kuze kube yimanje. Ngiyabazi ubunzima nathi esike sabhekana nabo ngesikhathi ehambe i-Willowfontein yonke.

“Sesiside kakhulu lesi sikhathi kanti bona benzeni lena engaka sebengaze bajeziswe ngento eyisidingo kangaka?,” kusho uNks Dlamini.

Ikhansela le ndawo uMnuz Thabiso Molefe uthe indaba yamanzi iyinkinga njengoba naye ehlala KwaPhupha lapho kungekho khona amanzi.

“Senginqume ukuba ngibize umhlangano womphakathi maduze nabantu bakamasipala abasebenza ngamanzi ukuze kube yibona abazochazela umphakathi ukuthi yini inkinga, ngoba mina angisazi ukuthi ngizochaza ngithini.

“Le nkinga isihambe isikhathi ingalungiseki. Nami ngesikhathi ngiqala ukuba ikhansela ngafika le nkinga yamanzi isinesikhathi esicishe sibe ngangonyaka,” kubeka yena.

Uqhube wathi ubengakabi naso isiqiniseko sosuku lo mhlangano kodwa uzoba maduzane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.