Bakhala ngephunga lendle

2019-09-04 06:03
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsitamkoko esekhuphele amasonto sigeleza singalungiswa.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsitamkoko esekhuphele amasonto sigeleza singalungiswa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“Uma uke waphumela emnyango uhlangatshezwa iphunga elingabekezeleki.”

Lawa ngamazwi omndeni wakaDladla endaweni yaseMbali Unit J.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba kuqhume isitamkoko esisemgwaqeni eduze kwalendawo emasontweni amathathu edlule kodwa kuze kube manje asilungiswa.

Udoti kanye nendle okuphuma kusona lesi sitamkoko ugeleza emgwaqeni nokwenza kube nzima ukuthi abantu abahamba ngezinyawo bakwazi ukudlula.

Ngesikhathi i-Echo ivakashele le ndawo ngoLwesibili mhla zingama-27 kuNcwaba (August) izithele phezu kwephunga elingelihle kantu udoti ubusaqhubeka ugeleza emgwaqeni.

Umnikazi womuzi uNkk Mumsy Dladla uthe sekukaningi bezama ukulubika loludaba kumasipala kodwa ulokhu uthembisa ukuthi kuzofika abantu bazolungisa kodwa bagcine bengafikanga.

“NgoLwesine olwedlule ngiphinde ngafona futhi ngababikela bathi bazothumela abantu ukuthi bafike bazolungisa kodwa kuze kube imanje labo bantu abakaze bafike asazi ukuthi kumele size senze njani manje.

“Iphunga elila alibekezeleleki. Siyaphila phela ngoba nathi ayikho into esizoyenza sakhile lana,” kubeka yena.

Uthe akukhona okokuqala ukuthi kuqhume lesi sitamkoko, kodwa siqhuma njalo. Uthe uma ngabe kwenzekile umasipala wafika wazosilungisa bavele bafike bavule esinye bangalungisi lesi okuyisona esinenkinga.

“Sesize savula umsele ukuze udoti lona ogelezayo ungasangeni ebaleni kodwa uhambe uyongena emhosheni owumfula okhona lana eduze.

“Okubuhlungu ukuthi nalesi sitamkoko akusona ngisho esalayikhaya kodwa esakweminye imizi kodwa abantu abahlukumezeka kakhulu ithina,” kubeka yena.

Lo mndeni akuwona wodwa kuphela onalenkinga kodwa nabazali abanezingane ezisebenzisa lomgwaqo uma ngabe ziya esikoleni nabo bayakhala.

UNkk Nomalungelo Duma uthe yena unengane efunda uGrade R uthe usenomsebenzi wokuthi njalo ekuseni kumele ayiphelezele ukuze izodlula kule ndawo nantambama futhi aphinde ayilande.

“Ingane zethu zizogula phela manje. Uyazazi izingane zigangile zizogcina seziganga ngalodoti bezitshela ukuthi amanzi. Sibuhlungu nje ngalento ngoba kwathina esibadala manje kumele sigxume sizame ukweqa udoti ogeleza emgwaqeni. Kuyanuka kunjalo nje. Uma [like lana noma labalela] kuvele kube into ongayazi ,” kubeka yena.

Okhulumela umasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha uthe umasipala udaba uyalubhekelela ukuba kulungiswe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Golf Retail Sales Administrator

Southern Peninsula
Global Golf
R8 000.00 - R10 000.00 Per Month

Inbound call centre agent

Western Cape
Full Circle Contact Centre Services (PTY) LTD
R6 500.00 Per Month Per Month

Learning & Development Coordinator

Cape Town
Kelly and Quest Staffing Solutions
R18 000.00 - R19 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.