Bakhala ngezindlu KwaZayeka

2018-05-09 06:00
IZITHOMBE: zithunyelweUMnuz Derrick Buthelezi ekhombisa indlu yakhe abayakha bangayiqeda eminyakeni eyisi-6 eyedlule.

IZITHOMBE: zithunyelweUMnuz Derrick Buthelezi ekhombisa indlu yakhe abayakha bangayiqeda eminyakeni eyisi-6 eyedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU omphakathi waKwaZayeka eSweetwaters athi afuna ukwazi ukuthi yini ebambe ukuthi bakhelwe izindlu zemixhaso kanti abanye bafuna ukwazi ukuthi kungani izindlu zabo zakhiwa zangaqedwa.

Lamalungu athi abhalisela izindlu zomxhaso eminyakeni engaphezu kweyi-10 eyedlule kodwa kuze kube yimanje akukho okulungayo.

UNkk Sbongile Zimu uthe wabhalisa ngenyanga kaNhlolanja (February) wezi-2011 bamutshela ukuthi isicelo sakhe siphasile futhi uzoyithola indlu kodwa kuze kube yimanje akakaze ayithole.

Uthe okumuxakayo ukuthi bonke abantu abhalisa nabo sebazithola izindlu kodwa yena wasalela ngaphandle.

“Indodakazi yami isihambe yaze yaba mfishane igqigqela lona lolu daba lwendlu ehhovisini lenkampani eyakha izindlu i-Vulindlela Development Association (VDA). Manje sihleli asazi ukuthi senze njani ngoba labantu bathule abasho lutho asazi noma sisazokwakhelwa yini. Ibuhlungu lento eyenzekayo ngoba lendlu ngiyayidinga kakhulu. Ngihlala endlini enamagumi amathathu kodwa inkinga ukuthi nayo lendlu ingena imvula uma izulu linetha. Uma linetha siphoqeleka ukuba sisukume sime ngezinyawo sikhongozele imvula kuze kube iyadlula.

“Indodakazi yami isize yayeka ukugqigqa kulama hhovisi ngoba bayitshela ukuthi bazofika kodwa sekuphele iminyaka bengafiki,” kubeka yena .

UNkk Princess Hlela uthe naye wabhalisa ngesikhathi esifanayo noNkk Zimu kodwa kuze kube yimanje akakayitholi indlu.

Uthe bonke omakhelwane bakhe abhalisa kanye nabo sebazithola izindlu kwaze kwakhelwa ngisho abantu ababhalsia kamuva kunaye.

“Ngemuva kokuba ngibhalisile bafika bazofaka isilebhu , emuva kwaloko bashiya kanjalo abaphindanga babuya. Ngababona sebakhela omakhelwane bami uma ngibuza ukuthi kungani beshiye bengaqedanga kwami bangithembisa ukuthi bazobuya kodwa abazange. Kwase kufanele balethe impahla yokuqala ukwakha kodwa angiphindanga ngababona.

“Isilebhu sesize samila utshani ngoba kade sahlala kungenzeki lutho ngaso. Ngaze ngaya ngisho ehhovisi labo laba bantu abakhayo ngiyobuza ukuthi yini ebambile kodwa bangitshela ukuthi indlu yami ikhona futhi ngizokwakhelwa kodwa kuze kube yimanje angikaze ngiyibone leyo ndlu,” kuphetha yena.

UMnuz Derrick Gina Buthelezi naye ukhala esifanayo njengoba eyakhe indlu bayakha bayishiya bengayiqedanga sekusele ukuthi ifakwe uphahla.

Uthe : “Ngabhalisa ngo-2012 baqala ukuyakha ngawo lowo nyaka kodwa abazange baqede bashiya bengalufakile uphahla abazange besabuya emva kwalokho. Ukugcina kwabo ukufika kwami kwakungabantu abazobuya bezoqedela ukwakha kodwa lokho akwenzekanga. Ngihleli ngigqigqa ngiyobuza ukuthi kwenzakalani kodwa babe abantu abathembisayo ukuthi bazobuya kodwa sesiside manje lesi sikhathi ngilindile. Indlu ihleli ayenzi lutho njengoba ingaphelile kanti nalena engihlala kuyona ayisekho esimweni esilungele ukuthi iqhubeke ihlale abantu.”

UMnuz Buthelezi uthi imuphatha kabi lento ngoba bonke omakhelwane bakhe sebakhelwa kodwa yena ukhishwa inyumbazane. Uthe uzame ukukhuluma nekhansela lakulendawo uMnuz Sbusiso Mtshali elibikela inkinga yakhe, lathembisa ukuthi lizokhuluma nabantu abakha izindlu kodwa akazi ukuthi kwagcinaphi.

Ikhansela lakulendawo uMnuz Mtshali watshela i-Echo ngaphambilini ukuthi amalungu omphakathi anezinkinga kubalulekile ukuba avakashele ihhovisi lakhe elikuyona lendawo ukuze bezothola usizo ngaphambi kokuba bagijimele kwabezindaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.