Bakhala ngodaka endlini e-Azalea

2018-04-18 06:00
PHOTO: lethiwe makhanyaUNks Thobile Mkhize ekhombisa ngebhakede lamanzi ekade bethi bazama ngalo ukuhlanza indlu.

PHOTO: lethiwe makhanyaUNks Thobile Mkhize ekhombisa ngebhakede lamanzi ekade bethi bazama ngalo ukuhlanza indlu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wakwaMkhize endaweni yase-Azalea e-4 uthi awusazi ukuthi wenze njani ngoba usukhathele ukuhlukunyezwa inkampani ethi yakha izitamukoko njengoba bethi imba inhlabathi iyishiye kanjalo bese inhlabathi ingena ezindlini zabo.

Akugcini lapho njengoba bethi ogeleja balenkampani babuye baqhumise namapayipi amanzi okudala kuthi kwesinye isikhathi bengabi namanzi isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili.

Ngesonto eledlule lo mndeni uthi le nkampani i-AIM yenze umonakalo njengoba ifike yaqhumisa ipayipi lamanzi emini, amanzi abe esegeleza engena endlini yabo kodwa akugcinanga lapho njengoba kuvele kwanetha izulu inhlabathi lena abayimbile bayishiya emgwaqeni ivele yaguguleka yangena endlini, indlu yabe isiphenduka udaka lodwa.

UNks Thobile Mkhize oyindodakazi yakulo muzi uthe uthuke woma ngesikhathi efika ngoLwesine ekuseni ephuma emsebenzini efika indlu igcwele udaka .

“Bengisebenza ebusuku kanti bengizitshela ukuthi uma ngifika endlini ngizofika ngilale ngiphumule kodwa lokho akwenzekanga. Sivele sangazi nokuthi siqalephi uma sithi siyaqala siyakhipha udaka obelugcwele indlu. Sizamile sithi siyalukhipha sazama nokukorobha kodwa sabona ukuthi sidlala ngesikhathi ngoba awukho umehluko obuwenzeka. Yonke impahla ebeyisendlini imanzi ezinye zigcwele udaka asazi sizokwenza njani,” kubeka yena.

Uqhube wathi sebezame izikhathi eziningi ukukhuluma nabakwa-Aim ukuthi baqoqe inhlabathi bayoyichitha kwenye indawo uma sebeqedile kodwa kunhlanga zimuka nomoya.

Uthe le nkampani isiqede isikhathi esingaphezu konyaka kule ndawo kodwa abayiboni inqubekela phambili.

“Bafike bambe bashiye kanjalo bese bayahamba baphinde babuye futhi. Sesizame kakhulu ukuxoxisana nabo ukuthola isisombululo kodwa abakwazi ukukhuluma nathi bavele bakhulume amagama ayiziswana.”

Umndeni wakwaMkhize akuwona kuphela onenkinga kodwa neminye eyakhelene nawo ikhala esifanayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.