Bakhala ngokucekelwa phansi kwesakhiwo eMbali

2019-06-05 06:01
Isakhiwo sabadayisi basemgwaqeni esicekelwe phansi ngaphambi kokuba siphothulwe.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Isakhiwo sabadayisi basemgwaqeni esicekelwe phansi ngaphambi kokuba siphothulwe.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUVUKE ukukhathazeka ngokucekelwa phansi kwesakhiwo ebesakhelwe abantu abadayisa ngaphandle komtholampilo waseMbalenhle eMbali Unit 3 njengoba lesi sakhiwo sesicekelwe phansi sakhishwa namawindi ngaphambi kokuba sinikezwe ngokusemthethweni kubantu abazosisebenzisa.

Lesi sakhiwo esinezindawo zokudayisela ezili-10 besakhiwe ngenhloso yoku lekelela labo abadayisa emgwaqeni kule ndawo ukuba bangahlupheki uma ngabe izulu lina okanye kushisa ilanga.

Ngokuthola kwe-Echo lesi sakhiwo bese sakhiwe saqedwa safakwa namawindi kanye nezicabha kodwa lokho kube yizeleze ngoba kugcine sekuntshontshwa amawindi, kwasikwa iminyango kwashishwa ngisho nompompi.

Sigcine sesiphenduka indawo okuhlanganelwa kuyona uma ngabe abantu befuna ukwenza izinto ezingalungile.

Elinye ilunga lomphakathi elihlala eduzane nakule ndawo elikhulume ne-Echo kodwa langathanda ukuba kudalulwe igama lalo lithe ngemuva kokuba lendawo igqekeziwe yakhishwa namawindi ibe isiphenduka isidleke sezidakamizwa.

“Ngesikhathi iqala ukwakhiwa kwakukhona unogada owayehlala eyigada nangesikhathi isanda kuphela kodwa sathi sesiyabona unogada akasekho nokuyilapho esikholelwa khona ukuthi kwaqala izinkinga abantu bathola ithuba lokuthi bagange.

“Ibuhlungu lento ngoba ekugcineni lezi zinto zisuke zakhelwe ukusiza thina ziphinde zithuthukise imiphakathi yethu kodwa futhi ithina esesigcina sizimosha sidlala ngazo,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi lithe : “Ukuhamba kukanogada ave kwayimosha lendawo.

“Ukube nje ayizange imoshwe kanje hlampe angabe nabanikazi bazo sebesebenzela khona ngoba phela nezimvula ziyana namakhaza nawo asezoqala.”

Ibamba lokhulumela umasipala uMsunduzi uNks Ntobeko Ngcobo uthe lesi sakhiwo sase siya ngasemaphethelweni kanti futhi nezinga laso laligculisa kodwa kwaba khona uhlu lwezinto usonkontileka okwakumele azikhulume ngaphambi kokuba lesi sakhiwo sinikezwe umasipala ngokusemthethweni.

Uthe umasipala kanye nosonkontileka babenesivumelwano ngaloluhlelo ngakho njengoba usonkontileka engaqedanga lesi sakhiwo sisawumthwalo wakhe kuze kube kuphuma isitifiketi sokuthi sekuphelile.

“Usonkontileka uyazi ukuthi lesi sakhiwo sesilinyaziwa kanti futhi usezibophezele ekuthni uzolungisa wonke umonakalo bese ayasiqedela, njengoba vele esebuyelile eseqalile ukulungisa.

“Uma ngabe lesi sakhiwo sesinikezelwe kwamasipala umasipala unecebo lokubeka onogada kule ndawo,” kubeka yena.

Uthe ukubekwa kwabadayisi sekuphothuliwe kanti abaningi bakhona ilabo akade sebedayise emgwaqei isikhathi eside.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.