Bakhala ngokugqoza kwentuthuko eNcwadi

2019-08-07 06:01
Kungesikhathi umphakathi uvale umgwaqo ngoMsombuluko.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Kungesikhathi umphakathi uvale umgwaqo ngoMsombuluko.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasendaweni yaseNcwadi ku-ward 39 ngaphansi kukamasipala uMsunduzi uthi usukhathele ukushaywa ngemfe ephindiwe nokunganakwa uma ngabe befuna izidingo zawo.

Lo mphakathi wakule ndawo udinwe wavala umgwaqo u-Bulwer Road ngoMsombuluko mhla zingama-29 kuNtulikazi (July) ngamathayi avuthayo kanye namatshe namalapho kade ukhala khona ngokungabi khona kwentuthuko kule ndawo.

I-Echo ike yabika ngezinkinga ezibhekene nalo mphakathi okubalwa kuzona ukungabikhona kwamanzi, umgwaqo kanye nezindlu. Umphakathi wakule ndawo ukha amanzi eziphethwini lapho uphuza khona nezinko-mo.

Ababhikishi bakhala nangemigwaqo yakhona abathi ayikho esimeni nokugcina sekubaphoqa ukuba bahambe ngezinyawo amabanga amade ngaphambi kokuba bathole izimoto zokugibela uma ngabe beya edolobheni.

Elinye Ilunga lo mphakathi elikhulume

ne-Echo ngesikhathi kunalombhikisho lithe into abayifunayo bona intuthuko endaweni yabo kuphela.

Liveze ukuthi ngaphambilini babengaphansi kwenye indawo kodwa abathi uma ngabe sebe fakwa ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi banethemba lokuthi kukhona okuzoshintsha kodwa akwenzeki lutho namanje.

“Siwumphakathi waseNcwadi sikhala ngentuthuko nje kuphela. Sekukaningi sibabiza umasipala uMsunduzi ukuthi awuze uzohlangana nathi ukuze kuxoxiswane ngezindaba zethu zentuthuko.

“IMeya yalomasipala uMnu Themba Njilo yahlangana nathi yasikhohlisa.

“Isiminingi imihlangano siba nayo besikhohlisa kangangokuba kwaze kwaba khona ngisho ose-City Hall ukuzokhuluma into efanayo yentuthuko.

“Kwaze kwabhalwa phansi zonke izidingo kanye nezikhalazo zethu kodwa akwenzeki lutho,” kubeka yena.

Amalunga alo mphakathi athi into akhala ngayo umgwaqo.

Bathi selokhu leli zwe lakhululeka eminyakeni engama-25 eyedlule umphakathi wakule ndawo awukaze ube nombhikisho kodwamanje kugcine sekubaphoqa ukuba babe nombhikisho.

“Imigwaqo akuhambeki kuyena. Izingane kunzima nanokuthi zihambe kahle ziye esikoleni ngenxa yomgwqo.

Namatekisi nawo anyuka njalo ngoba akhala ngokuthi izimoto ziyafa zibulawa imigwaqo yethu.

“Umphakathi uwuthola usuphethe amapiki namafosholo usuyomba imigwaqo uzilungisela kodwa lemigwaqo ingaphansi konakekelo lukahulumeni kodwa awenzelwa lutho oluyintuthuko.

“Njengoba usibona sesivale umgwaqo nje akusikona ukuthi asihloniphi ingoba sesikhathele sifuna izidingo zethu. Ayikho thina into esenzelwa yona,” kubekwa yena.

Lo mphakathi uthi awuqondi ukuthi kwenzekani ngoba ngemuva kokuba bafakwa ngaphansi kukamasipala uMsunduzi batshelwa ukuthi indawo yabo ayiveli ngaphansi kwe-IDP yaseMsunduzi.

Amalunga omphakathi asabise ngokuthi azoqhubeka ateleke kuze kube izidingo zabo ziyalalelwa.

Ikhansela lakule ndawo uNks Thandiwe Madondo uthe: “Kuyiqiniso ukuthi yonke indawo yaseNcwadi isathuthukiswa.

“Angiqondi ukuthi bekwenzekani kuleminyaka engama-22 [edlule] ngesikhathi besengaphansi kuka Masipala Ingwe ngaphambi kokuthi bafakwe ngaphansi kuka Masipala uMsunduzi ngonyaka wezi-2016.”

UNks Madondo uthe kuningi okuhleliwe nguMasipala wase Msunduzi njengoba ezindaweni ezingaphezulu eNcwadi kwehlukile ezindaweni ezisezansi eElandskop.

“Ukwakhiwa kwezindlu zabantu base Ncwadi kusezinhlelweni. Iprojekthi yamanzi iyaqhubeka njengoba ukwakhiwa kwedamu lamanzi kuqhubeka ukuze imiphakathi izok- wazi ukuthola amanzi ahlanzekile empom- pini,” kubeka yena.

UNks Madondo uphinde wathi kulendawo sekufakwe ugesi okhanya bha emgwaqeni, imipheme lapho kulinda khona abagibeli bamabhasi kanye nezindlu zangasese ezakhiwe kuleminyaka emithathu eyedlule.

Uphinde wathi uhlelo lokwakhiwa kwemigonqozo(boreholes) yamanzi nokunye okuyizidingo zomphakathi kuyaqhubeka.

“Lokhu kukhombisa ukuthi singuMasipala wase Msunduzi siyanakekela futhi siwukhathalele umphakathi wase Ncwadi.

“Kukhona amathangi ango Jojo afakiwe futhi kuningi okusezayo. Imigwaqo engena ngaphakathi isilungisiwe.

“Kuningi osekwenzelwe umphakathi wase Ncwadi kulonyaka wezimali.

“Yikho konke lokhu esengikwenzile kulesikhathi esiyiminyaka emithathu.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.