Bakhala ngokungahlanzeki kwehholo e-Azalea

2018-04-25 06:01

SEKUVUMBUKE izinkulumo zokungenami kwabantu abaqasha ihholo lomphakathi lase-Azalea njengoba bekhala ngokuthi bakhokhiswa izimali ezinkulu kodwa ihholo libe lingekho esimweni esigculisayo.

Elinye ilungu lomphakathi elingeneme uMnuz Elias Mkhize wakhona e-Azalea othe yena uqashe ihholo ngemali engu-R1 900 kodwa waphoxeka uma elifica lisesimweni esingesihle ekubeni ekhokhile.

Uthe imali yokuqasha leli hholo wayikhokha ngoNhlangulana (June) ngonyaka ophelile ngoba efuna ukunikeza umasipala isikhathi esanele sokulungisa izinkinga ezake zabikwa ngaphambilini.

UMnuz Mkhize uthe ubeqashe leli hholo izinsuku ezimbili ngempelasonto yePhasika njengoba kade kunezinkonzo zePhasika.

Uthe indlela abalifica liyiyona ishayisa amahloni njengoba bebengakwazi ngisho ukusebenzisa izindlu zangasese namagumbi okushintshela [change rooms] ngenxa yokungahlanzeki.

Uphinde wakhala ngokungabi khona ukuphepha yize kukhona unogada.

“Bekungasikhona okokuqala ngiqashe leli hholo njengoba ngake ngakwenza ngo-2013 kodwa sahlangabezana nesimo esifanayo uma sekumele siliseben-zile.

“Into eyangenza ukuthi ngisheshe ngiliqashe yingoba kade ngifuna ukubanikeza isikhathi esanele ukuthi balungise izinkinga lezi ezikhona kwazise sikhokha izimali ezinkulu uma siliqasha,” kubeka yena.

Uqhube wathi ubelokhu exhumana njalo nabantu bakwa masipala ngenhloso yokubagqugquzela ukuthi bangakhohlwa ukulungisa ihholo ngosuku lwabo olukhulu.

Uthe: “Sadumala kabi ngosuku lo mcimbi ngesikhathi sesibona isimo ihholo eliyisona.

“Sikhokha izimali ezinkulu kabi lana ukuthi singavele siyekelelwe kanjalo kungenziwa lutho ngokuhlanzeka kwaleli hholo.

“Akusikho ukuthi siyalwa nomasipala kodwa besicela ukuthi usicabangele nathi njengomphakathi ngoba ekugcineni siyalidinga leli hholo ukuqhuba izinhlelo zomphakathi,” kuphetha yena.

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha akaphendulanga imibuzo athunyelwe yona ngesikhathi sokushicilela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.