Bakhala ngokungaphephi abafundi base-DUT

2019-05-01 06:00
Isikhungo i-DUT eMbali Unit 1.ISITHOMBE: sigciniwe

Isikhungo i-DUT eMbali Unit 1.ISITHOMBE: sigciniwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAFUNDI basenyuvesi i-Durban University of Techonology Indumiso Campus eMbali Unit 1 bakhala ngezindawo zokuhlala nabathi seziphenduke indawo yokudlalela izigebengu njengoba zihleli zigqekezwa njalo.

Laba bafundi basola ukungabi khona konogada abagada izindawo ezihlala abafundi ikakhulukazi lezi ezakhiwe ngaphandle kwenyuvesi.

NgoLwesithathu olwedlule mhla zili-17 kuMbasa (April) abafundi babe nombhikisho bekhala ngokungaphephi kwezindawo abahlala kuzona.

Laba fundi bathi izindawo abahlala kuzona zihlale zigqekezwa njalo ngoba akekho umuntu ozigadile.

Usekela mongameli wesigungu esimele abafuni i-Students Represantative Council (SRC) uLindani Zungu uthe izindawo lapho kuhlala khona abafundi azinawo ngisho amakhamera kodwa indawo enama khamera ilapho kukhona khona izinto zesikhungo nokusho ukuthi impahla yesikhungo ibaluleke okudlula izimpilo zabafundi .

“Abaphathi benyuvesi sibanikeze ithuba eliningi lokuthi bazame ukulungisa lezi zinkinga kodwa bayahlukela.Kunezindawo ezihlala abafundi ezingaphandle lapho kungeni khona amabhasi nokwenza kube lula ezigebengwini ukuba zibambe abafundi uma ngabe sebeshiywe ibhasi ikakhulukazi amantombazane.

“Besingeke size sikwazi ukuthi siqhubeke sithi silinde abaphathi ukuthi basukumele le nkinga njengoba besitshela ukuthi asilinde izinsuku eziyisikhombisa,” kusho yena.

UMnu Zungu uthe ngoLwesithathu olwedlule kunenye yezindawo zokuhlala abafundi egqekeziwe endaweni yaseScotssville.

“Uma ngabe sithi sihleli sizothi sihleli silindeni? Silinde ukuthi kuze kudlwengulwe okanye kuze kufe umfundi yini ukuze kucace ukuthi le nkinga iyinto efuna ukulungiswa ngokushesha?”

Uphinde waveza ukuthi kunabafundi okuze kube imanje abasalinde ukuthi kubuye imiphumela yokudluliswa kwezicelo zabo esikhwameni esikhokhela abafundi i-National Student Financial Aid System (NSFAS).Uthe lezi zicelo zazifakwe ngenyanga kaNhlolanja (February) kodwa kuze kube imanje ayikaphumi imiphumela.

“Kumanje kunabafundi abangakakwazi ukubhalisa ngenxa yalenkinga. Labo aba kwazi ukuthi bazikhokhele imali yokubhalisa abanayo imali yokukhokhela indawo yokuhlala kodwa kulindeleke ukuba benze wonke umsebenzi owenziwayo. Into esiyishoyo ukuthi nalabo bafundi aba nezinkinga abanikezwe indawo yokuhlala inyuvesi.

NgoLwesibili mhla zingama-23 kuMbasa (April) isigungu esimele abafundi sibambe umhlangano nabaphathi benyuvesi ukuzwakalisa izikhalazo zabo.

Kube sekuvunyelwana ngokuthi abafundi bazoyeka ukuteleka kusukela izolo bese inyuvesi ilugisa lezi zinkinga ngokushesha. Abafundi basabise ngokuthi uma kungukuthi izinkinga zabo azilungiswa bazophazamisa ukwethweswa kweziqu kwabafundi bakulenyuvesi.Imizamo yokuthola inyuvesi ukuba iphawule ayiphumelelanga njengoba bengazange baphendule imibuzo akade bethunyelelwe yona kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.