Bakhala ngokuntshontshwa kwamatshe amathuna e-Azalea

2019-01-30 06:00
ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUmonakalo odalwe kwamanye amathuna e-Azalea.

ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUmonakalo odalwe kwamanye amathuna e-Azalea.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UYAVEVA umphakathi wase-Azalea ngemuva kokuthola izindaba zokuthi kunowesifazane othumela abafana ukuthi bayomntshontshela amatshe amathuna emathuneni ase-Azalea.

Lezi zindaba zivele ngemuva kokuba elinye ilunga lomphakathi wakule ndawo elakhe eduze kwasemathuneni libone abafana ababili ngesonto eledlule ebusuku bephuma emathuneni belayishe amatshe amathuna ezimotweni ezimbili.

Ngokuthola kwe-Echo, umuntu owabona laba bafana wakwazi ukubabona nasebusweni ukuthi bangobani wabe esenikela kubona ngakusasa wayobabuza base behlanza konke besho nokuthi ubani okade ebathumile.

Amalunga omphakathi kanye nekomidi lakuyona le ndawo bagasele emzini walona wesifazane (i-Echo enalo igama lakhe) nalapho kade beyombuza khona ngalezi zinsolo kodwa bathuka boma ngesikhathi befica amanye amatshe amathuna engemuva kwendlu emzini walona wesifazane.

Ngokusho kukaNks Nonhlanhla Mncwabe, oyilunga lekomidi lakule ndawo, uthe ngesikhathi bembuza lona wesifazane uzivumele ngokwakhe ukuthi vele uyena okade ethume abafana. Kuthiwa abafana akade ebathuma ubebanikeza o-R200 ukuze bezomenzela lo msebenzi.

“Wasitshela nokuthi akaqali ukwenza lento into akade ayiqala amanye amatshe amathuna uwabeke eMbali Unit J. Masimbuza ukuthi uyenzelani lento uthi naye yindlela azenzela ngayo imali ethe xaxa njengoba ewadayisa la matshe amathuna. Ngemuva kokuba esevumile samubizela amaphoyisa ase-Plessislaer kodwa akazange afike ayelokhu ethi iveni lisendleleni kwaze kwashaya izintathakusa umphakathi waze wadikibala. Ngosuku olulandela lona wesifazane waqoqa konke okungokwakhe wakhala amaphepha manje asazi ukuthi sizomtholaphi.

“ Okungiphatha kabi kakhulu mina ukuthi nami ithuna likababa ngilifice limbiwe itshe selilele phansi nokukhombisa ukuthi nalo belisendleleni besekusele ukuthi bazolilanda nje kuphela. Umama wayesebenza kanzima emajalidini ebeka isenti phezu kwelinye ngoba efuna ukwenzela ubaba itshe lethuna ukuze ezolala ngokuthula kodwa kuzoba khona abantu abavele bafike nje bazothatha izithukuthuku zabanye. Okusithusa kakhulu ukuthi umuntu owenza lokhu ngumuntu wesifazane. Isibindi nje sokuhlukumeza abantu abangasekho usithathaphi?” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi, elingathandanga ukuba lidalulwe, lithe bafuna lona wesifazane abhekane nengalo yomthetho kodwa abakuboni lokhu kwenzeka njengoba lona wesifazane eseze wabaleka nasendaweni.

“Amaphoyisa ase-Plessislaer nje awasisizi ngalutho asilindisa into engekho agcina engafikanga umuntu sesimbambile wavuma naye ukuthi wenzeni. Siwumphakathi sasingafuni ukuthi sizithathele umthetho ngezandla yingako sabiza amaphoyisa kodwa asenzela phansi wona. Sifuna lolu daba lusukunyelwe kuphinde kubhekwe nangendlela amaphoyisa asebenza ngayo. Asifuni ukuthi lona wesifazane ahambe ayoqhuba lokukhohlakala kwakhe kwenye indawo kuphinde kuhlukumezeke abantu abaningi,” kubeka yena.

Amalunga omphakathi akule ndawo aveze ukuthi indlela amathuna aseyiyona kuyakhombisa ukuthi akuyona into eqala manje ukuthi kuntshontshwe amatshe.

“Ibuhlungu le nto esiyibona yenzeka ngoba imindeni isebenza kanzima yenzela abathandiweyo bayo ngoba ifuna balale ngokuthula bese kuzoba khona abantu abenza into efana nalena. Abantu sebelahlekelwe unembeza uma sebekwazi nokuthi bantshontshe emathuneni,” kusho leli lunga.

Ngesikhathi i-Echo ihambele la mathuna ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-18 kuMasingana (January) lihlangabezane nenqwaba yamathuna akade embiwe ase eyakhishwa. Amanye bekukhombisa ukuthi abesambiwa kodwa bekungakaqedwa. Bekukhona namanye abesekhishiwe kodwa alahlwa khona lapho.

Imizamo yokuthola amaphoyisa ukuba aphawule ngalolu daba ayiphumelelanga.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.