Bakhala ngokunukelwa indle ezindlini

2018-09-26 06:00
PHOTO: lethiwe makhanyaAmalunga umphakathi wase-France ngesikhathi evale amasango alapho kusebenzela khona inkontileka efaka ipayipi elizothutha indle.

PHOTO: lethiwe makhanyaAmalunga umphakathi wase-France ngesikhathi evale amasango alapho kusebenzela khona inkontileka efaka ipayipi elizothutha indle.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Bathe ikhansela laku lendawo liyazi ngalezi zinkinga ababhekene nazo kodwa ayikho into eyenzekayo.

Ikhansela lakulendawo uNkk Sibongile Mncwango utshele i-Echo ukuthi yena akazi lutho ngemali engu-70 million lona oshiwo abahlali kodwa wazi ngo-R5.9 million okuyiwona awutshela abahlali.

“Lena imali asebekhuluma ngayo mina angiyazi. umhlangano engawubiza ezinyangeni ezimbili ezedlule ngabatshela ngemali engu-R5.9 million nokwathiwa incane kakhulu ukuthi ingafakela ipayipi lomphakathi wonke. Kwabe sekuvunyelwana ngokuthi kungcono kuzoqalwa ezikoleni kanye nemizi lena eseduze kwazo izikole. Umphakathi wavuma ngo elethu, ngaze ngabuza ukuthi ikhona yini into abafuna ukuyisho okanye abafuna ukuyibuza kodw abathi konke kuhamba kahle,” kubeka yena .

Uthe ngemuva kwalesi sigameko sokuvalwa kwamasango alapho kusebenzela khona nkontileka uzamile ukukhuluma nabahlali ebatshela ukuba akulungile ukuba baphazamise ukusebenza ngoma loko kuzomisa intuthuko endaweni.

“Abafunanga ukungilalela kodwa bathe bona bafuna ukuthi kufike uMeya kube uyena ozokhuluma nabo ngalolu daba.

Skufanele ukuthi uma ngabe kulethwa intithuko endaweni bese abahlali bayayimisa. indawo yase-France iyayidinga intuthuko ngoba asinalutho asinayo ngisho imigwaqo.”

Okhulumela umasiplaa uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha uthe loluhlelo laphasiswa n gokwezamabhizini kanti uhlelo lowebhizinisi lubandakanya izikole kanye nezindlu zomphakathi. Uthe lolu hlelo lwenziwa ngezigaba ngalemali ekhona njengamanje.

“Uhlelo lolu olukhona lubiza imali engaphezu kuka R4 million. Isinqumo sokuthi kuqalwe ngezikole sathathwa ngemuva kokuba kuhlanganiwe nomphakathi waka-ward 13 kanye no-ward 18. Loku kuxhumana kujwayele ukwenziwa vele uma kuzoba khona uhlelo olufana nalolu kanti loku kwenziwa amakhansela.

“Isimo esingagwinyisi amathe sakulezi zikole bekumele kubhekwe.Umasipala uyazazi izikhalazo zomphakathi ngalolu hlelo lokufakwa kwalamapyipi ezikoleni ezifunda izingane zazo.

Umnyango wezamanzi kanye nezokuthuthukiswa kwendle kumasipala umatasa uzama ukwenza izicelo zemali ukuze lolu hlelo luzokwazi ukuthi luqhubeke lungenele ezindlini zomphakathi njengokwesivumelwano,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.