Bakhala ngokusebenza komtholampilo eSobantu

2018-06-06 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUmtholampilo waseSobantu umphakathi okhala ngendlela osebenza ngayo.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUmtholampilo waseSobantu umphakathi okhala ngendlela osebenza ngayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU omphakathi asebenzisa umtholampilo waseSobantu athi asesaba ngisho ukuya kulo mtholampilo ngoba kufana nokudlala ngesikhathi, njengoba baze bagoduke bengasizakalanga.

Lo mphakathi uthi uma uye kulo mtholampilo kumele uzitshele ukuthi usuku lwakho lonke uzoluchitha khona ushikisha amabhentshi ngenxa yokuhamba kancane komsebenzi.

Bakhala ngabahlengikazi abanganele nanokuthi laba abakhona bazithathela isikhathi sabo babuye bangawenzi umsebenzi.

UNks Nana Mkhize uthe uma edinga ukuya kulo mtholampilo kuphoqeleka ukuba acele usuku emsebenzini uma esebenza ngoba usuke ezohlala usuku lonke emtholampilo.

“Ngisho ungavuka kanjani ufike ekuseni ngovivi ekugcineni uzochitha usuku lonke uhleli emabhentshini ngenxa yokuhamba kancane komsebenzi nokugcina sekuholela ekutheni kube khona olayini abade. Ukuhamba kancane komsebenzi akudalwa ubuningi babantu abaya emtholampilo kodwa kudalwa indlela ekusetshenzwa ngayo. Uma ujahile nje uze uphoqeleke ukuthi ushiye phansi uhambe,” kubeka lona.

USphumelele Majozi uthe : “Uhlala usuku lonke kulowa mtholampilo kwesinye isikhathi kusebenza abahlengikazi ababili kuphela nabo abazenzela kancane kodwa bebe bewubona ulayini ukuthi mude nabantu belibele befikile kuze kugcwale.

“Sikhathele manje indlela ekusetshenzwa ngayo kumele uMnyango wezeMpilo ufike kungazelele muntu nje kulo mtholampilo khona uzozibonela wona ukuthi kusetshenzwa kanjani.

“Uma ugula ngempela udinga usizo akuwona nje umtholampilo okumele uye kuwona ngoba ungashonela khona usahleli emabhentshini.”

UNkk Elizabeth Ngcobo uthe :

“Mina mtanami uma nje ngicabanga indaba yokuthi kumele ngiye kulo mtholampilo inhliziyo yami ivele ishone phansi ngoba ngiyazi ngizobuya sengiphuke umoya ngicasulwa indlela ekusetshenzwa ngayo.

“Angikaze ngiyibone into enje abahlengikazi bakhona ngathi abanandaba nje nomphakathi abawusebenzelayo indlela abenza ngayo,” kubeka yena.

Lo mphakathi uphinde wadalula ukuthi uma befika bezobhalisa bagcina sebesizwa umuntu ogunda utshani kube uyena obakhiphela amakhadi abo.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezeMpilo uMnuz Agiza Hlongwane ibhuntshile njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.