Bakhathazekile ngezidakamizwa e-Ashdown

2018-03-07 06:00

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU omphakathi wase-Ashdown akhathazekile ngokwanda kwezinga lokudliwa kwezidakamizwa ezingkho emthethweni kule ndawo.

Lo mphakathi uthi okubakhathaza kakhulu ukuthi le nkinga isihlasele ngisho izingane ezincane ezifunda ezikoleni zamabanga aphansi kanye namantombazane asemancane asekhethe ukuzi nikela ezidakamizweni.

Ngokuthola kwe-Echo izidakamizwa ezisetshenziswa kakhulu kule ndawo insangu newunga.

UMnuz Xolani Molefe ohlala kuyona le ndawo uthe unqume ukuba aqale uhlelo lokuqoqa abafana namantombazane ngenhloso yokuzijimisa zidlale nebhola okuwumzamo wokuzivikela ekutheni zingamoshi ikusasa lazo.

Uthe lolu hlelo uluqale ngenyanga edlule kanti ulenza ngokuhlanganyela nozakwabo uMnuz Londa Mnikathi naye ohlala kuyona le ndawo.

Uthe: “Into esiyibona yenzeka emphakathini ibuhlungu kakhulu yingakho sithe ake sisukume kube khona esikwenzayo. Abafana namantombazane bebe sebenzisa inkundla yezemidlalo yakule ndawo njenge sidleke sokubhema izidakamizwa. Bebehlala enkundleni kuze kushaye ihora lesi shiyagalombili ebusuku [8pm] bematasa bebhema izidakamizwa.

“Bese kuvulwe ngisho upotsho wokungena, kungasangenwa esangweni ngoba besaba unogada ukuthi uzobavimba uma kungukuthi abezile ukuzo zivocavoca. Sesiwuvalile upotsho sahlanza nenkundla ukuze sikwazi ukuqhubeka nomsebenzi. Sesiqalile nomsebenzi wokubalekelela ekutheni bazi vocavoce kanti sekuze kwajoyina nezingane ezihlala ezindaweni ezakhelene ne-Ashdown,” kubeka yena.

UMnuz Molefe uthe izidakamizwa kade zaqala ukuba inkinga kule ndawo kodwa okubakhathaza kakhulu wukuthi zisetshenziswa izingane ezincane.

“Asazi nokuthi ziyithathaphi imali yokuthenga lezi zidakamizwa. uma uzibuka uyabona ukuthi izingane ezilungile futhi izimpahla abazigqokayo zisezingeni.”

UMnuz Mnikathi ukhale esifanayo ethi kubaphatha kabi ukubona intsha izinikela ezidakamizweni.

“Sizama ngakho konke okusemandleni ukubakhipha kulento abayenzayo yokusebenzisa izidakamizwa. Baningi abantwana abanamathalente ahlukene kule ndawo kodwa sebezinikele ezidakamizweni.”

Ikhansela lendawo uMnuz Dumisani Phungula uvumile ukuthi inkinga yezi dakamizwa idla lubi kule ndawo kodwa wathi benza konke okusemandleni ukulwa nayo.

Uthe: “Sicela amaphoyisa asebenzisane nathi ukulwa nale nkinga yezi dakamizwa ku-ward 23 ngoba akusiyo inkinga yase-Ashdown kuphela. Siyabona akhona amaphoyisa aseqalile ukuhlola le ndawo kuyasijabulisa kakhulu lokho.

“Enye into eseyiqala ukuba inkinga kule ndawo ukubanjwa kwenkunzi kwibhuloho lase-Ashdown sisola ukuthi kwenziwa ibona labantu abasebenzisa izidakamizwa. Abantu abaqaphele kakhulu uma behamba kule ndawo kodwa-ke sithembisa ukuthi sizoyilwa lempi ngokubambisana nabomthetho, amalungu omphakathi nabazali bezingane,” kusho uMnuz Phungula.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Hawks’ new hope

2018-05-27 00:00

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.